YouVersion Logo
Search Icon

Isinqumo Esikhulu Kunazo Zonke Empilweni Yakho!Sample

Isinqumo Esikhulu Kunazo Zonke Empilweni Yakho!

DAY 6 OF 6

Sesivala Nakhu Ongakucabanga

Uma ungakaze wamukele uJesu empilweni yakho, noma uma uke wamthola ngesikhathi esisodwa, kodwa ungasamphileli, ungenza isibopho esisha Kuye NAMUHLA ngokusho umkhuleko olula ngobuqotho benhliziyo yakho. Lowo mthandazo ungaba into enje,

“Jesu, ngiyazi ukuthi ngiyisoni, futhi nguwe kuphela ongangikhulula esijezisweni sesono. Ngicela ungene empilweni yami ungihlanze esonweni sami. Ngisize ngiphilele wena kuyo yonke indawo yempilo yami, zonke izinsuku zokuphila kwami. Ngiyabonga ngokuza empilweni yami futhi ungikhulule!”

Uma wawuthandaza lowo mkhuleko ngobuqotho, ukholwa ukuthi uJesu uzokwenza lokho Athi uzokwenza, usanda kuthola insindiso, futhi usuguqule isiphetho sakho saphakade ukuze ube Naye ingunaphakade!Siyakuhalalisela!

Uma wenze isinqumo sokulandela uKristu, singathanda ukuzwa kuwe, futhi sikunikeze okunye ukuzinikela okuzokusiza ohambweni lwakho olusha.Sicela ukhethe isixhumanisi esingezansi:

Nginqume Ukulandela UKristu!