Isinqumo Esikhulu Kunazo Zonke Empilweni Yakho!Sample

Ingabe uNkulunkulu kufanele akuvumele ungene eZulwini?
Awucabange nje uma kungathiwa isikhathi sakho lapha emhlabeni sesifinyelele esiphethweni obungasilindele. Ngokumangala okukhulu, uzithola umi phambi koMdali wakho. Kuselapho ukudideka kwakho nokwesaba kuvele kube ekulangazelela nokujabula ukuthi uyobona ikhaya lakho laphakade, Kuthi kusenjlo ngaphambi kokuba ungene uvele umiswe. UNkulunkulu ukubuza umbuzo ohlabayo, “Kungani kufanele ngikuvumele ungene ezulwini?”
Ubungaphenula Uthini?
Ngokujabulisayo, lapho lolo suku olukhulu nolumangalisayo lufika komunye nomunye wethu, uNkulunkulu ngeke asicele ukuthi sibhale isivivinyo ngaphambi kokungena. Noma kunjalo, lesi simo siveza isithombe esibalulekile, esixukuza ingqondo esihloselwe ukusisiza siqonde kangcono insindiso.
Abanye bangase baphendule ubuzweni kaNkulunkulu ngokubheka ezintweni ezinhle abazenzile. Abanye bangachaza ukuya kwabo esontweni ngokwethembeka, kanti abanye bangase babhale zonke izinto ezimbi ekuphileni abathe bazigwema. Nakuba lezi kuyizinto ezibalulekile zokuphila kwawo wonke umKristu, aziqinisekisi insindiso. Kunempendulo eyodwa kuphela elungile kulombuzo:
“Ngenze uJesu Kristu iNkosi yempilo yami, futhi Ungihlanzile ezonweni zami zonke.”
Scripture
About this Plan

Izinqumo eziningi empilweni zibalulekile kokuthize. Kodwa ke, iba yodwa kuphela ebaluleke kakhulu. Uma ufuna umhlahlandlela olula wokuqonda okujulile kwalesi sinqumo esingajwayelekile - isipho sikaNkulunkulu sensindiso samahhala - qala lapha.
More
Related Plans

Thriving in God’s Family

From 'Not Enough' to More Than Enough

The Lighthouse in the Fog

The Meaning of Life

Everyday Led by the Spirit

Overcoming Temptation

"Jesus Over Everything," a 5-Day Devotional With Peter Burton

Prayer Altars: Embracing the Priestly Call to Prayer

God in 60 Seconds: Music's Connection to God
