YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 52

52
1 Vuka, vuka,
wembathe amandla akho, Siyoni,
uzigqoke izingubo zakho ezinhle,
Jerusalema, muzi ongcwele,
ngokuba akusayikungena kuwe
ongasokile nongcolileyo.
2Zithintithe uthuli,
usukume, uhlale, Jerusalema elithunjiweyo;
zikhulule eziboshweni zentamo yakho
wena ndodakazi yaseSiyoni ethunjiweyo.
3 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:
“Nathengiswa ngento engelutho;
niyakuhlengwa ngaphandle kwemali.”
4 Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi:
Abantu bami behlela kuqala eGibithe
ukuba bagogobale khona;
i-Asiriya lamcindezela ngaphandle kwesizathu.
5 “Manje nginantoni lapha,” usho uJehova,
“lapho abantu bami besusiwe ngeze na?
Ababusa phezu kwabo bayaklabalasa,” usho uJehova,
“negama lami liyahlanjalazwa njalo usuku lonke.
6Ngalokho abantu bami bayakulazi igama lami;
ngalokho bayakuqonda ngalolo suku
ukuthi yimi engikhulumileyo;
bhekani, ngilapha.”
7 Zimnandi kangakanani ezintabeni
izinyawo zoletha izindaba ezinhle,
nomemezela ukuthula,
obika izindaba ezinhle, ezwakalise ukusindiswa,
oshoyo kulo iSiyoni ukuthi:
“UNkulunkulu wakho uyinkosi.”
8 Izwi labalindi bakho,
bayaliphakamisa izwi,
bajabule kanyekanye,
ngokuba bayakubona iso neso,
lapho uJehova ebuyela eSiyoni.
9 Qhumukani ngokuhlabelela,
nihlabelele kanyekanye,
nina zindawo ezichithekileyo zaseJerusalema,
ngokuba uJehova ubaduduzile abantu bakhe,
ulihlengile iJerusalema.
10 UJehova wambulile ingalo yakhe engcwele
emehlweni ezizwe zonke,
namajukujuku onke omhlaba
ayakubona insindiso kaNkulunkulu wethu.
11 Mukani, mukani, niphume lapha,
ningathinti okungcolileyo,
niphume phakathi kwalo, nizihlambulule
nina eniphatha izitsha zikaJehova.
12 Ngokuba aniyikuphuma ngokushesha,
ningahambi ngokubaleka,
ngokuba uJehova uyakuhamba phambi kwenu,
noNkulunkulu ka-Israyeli uyakuba semva kwenu.
Ukuhlupheka kwenceku
13 Bheka, inceku yami iyakuphumelela kahle;
iyakukhuliswa, iphakanyiswe, iphakame kakhulu.
14 Njengalokhu abaningi bamangala ngayo
ubuso bayo babonakele kunobabantu,
nesimo sayo kunesamadodana abantu
15 kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi;
amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo,
ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona,
nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.

Currently Selected:

U-Isaya 52: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy