Imininingwane ngohlelo

UElisha: Indatshana Yokukholwa OkumangazayoIsampula

Elisha: A Tale Of Ridiculous Faith

USUKU 1 KWEZINGU- 13

Indaba kaElisha iqala encwadini I Amakhosi 19:14-21 lapho uNkulunkulu etshela uEliya ukuthi agcobe uElisha njengomphrofethi ozothatha indawo yakhe. Kulendima sithola uEliya ethola uElisha elima ensimini ngezinkabi ezimbili ebese ejikijela isembatho sakhe kuye njengesimemo sokumlandela. UElisha uyalalela ebese eshisa igeja lakhe apheke nezinkabi azinike abangani bakhe ukuthi badle. UElisha waveza ukuzinikela okumangalisayo kuEliya. Akachithanga sikhathi ekulaleleni. Akazange emuke ukuyocabanga. Akazange abhale uhlu lokubi nokuhle. Akazange esabe. Wavele wathi yebo obizweni lukaNkulunkulu ngoEliya.



Ukuzinikela okumangalisayo kukaElisha kukhombisa ukuthi inani lokulandela uNkulunkulu likhulu, kodwa inani lokungamlandeli likhulu kakhulu. Okunye, ukuzinikela kukaElisha kwakuphelele. Washisa amageja akhe, wahlaba izinkabi zakhe, washiya ifa lakubo ngemuva. Washiya konke ayekwazi nayekuthanda ngemuva. UElisha usikhombisa ukuthi isinyathelo esiya kwikusasa lakho, sisho isinyathelo esishiya ngemuva ukukhuseleka. Ukuzinikela kwakho kuNkulunkulu kuphelele kumanje njengokukaElisha na? Ysiphi isikhuselo ongadinga ukusishiya ngemuva ukuba usondele ekusaseni lakho na?
Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Elisha: A Tale Of Ridiculous Faith

UElisha ungomunye wabantu abanohlonze eZwini likaNkulunkulu. Wayengumphrofethi okholo lwakhe nemimangaliso ayenza yayingakholweki. Kuloluhlelo lokufunda lwezinsuku ezi-13 uzofunda ngempilo kaElisha futhi ufunde emzekelwe...

More

We would like to thank Pastor Craig Groeschel and Life.Church for providing this plan. For more information, please visit: www.Life.Church

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo