1 AmaKhosi 19:14-21

1 AmaKhosi 19:14-21 ZUL59

Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balahlile isivumelwano sakho, badilizile ama-altare akho, babulele abaprofethi bakho ngenkemba, kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.” Wayesethi uJehova kuye: “Hamba, ubuye ngendlela yakho, uye ehlane laseDamaseku; usufikile khona uyakumgcoba uHazayeli abe yinkosi yase-Aramu; uyakumgcoba uJehu indodana kaNimishi abe yinkosi kwa-Israyeli, umgcobe u-Elisha indodana kaShafati wase-Abela Mehola abe ngumprofethi esikhundleni sakho. Kuyakuthi obalekela inkemba kaHazayeli abulawe nguJehu; obalekela inkemba kaJehu uyakubulawa ngu-Elisha. Kepha ngiyakushiya kwa-Israyeli izinkulungwane eziyisikhombisa, onke amadolo anganguqanga kuBali nayo yonke imilomo engamanganga.” Wayesesuka lapho, wamfumana u-Elisha indodana kaShafati; wayelima ngezinkabi ezingamabhangqa ayishumi nambili phambi kwakhe, yena esebhangqeni leshumi nambili; u-Eliya wadlulela kuye, waphonsa ingubo yakhe kuye. Wayeseshiya izinkabi, wagijima wamlandela u-Eliya, wathi: “Ake ngange ubaba nomame, bese ngikulandela.” Wathi kuye: “Hamba, ubuyele emuva, ngokuba ngenzeni kuwe na?” Wabuya ekumlandeleni, wathatha izinkabi zombili, wazihlaba, wapheka inyama yazo ngempahla yezinkabi, wabapha abantu, badla. Wayesesuka, wamlandela u-Eliya, wamkhonza.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 AmaKhosi 19:14-21

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo