Imininingwane ngohlelo

UElisha: Indatshana Yokukholwa OkumangazayoIsampula

Elisha: A Tale Of Ridiculous Faith

USUKU 8 KWEZINGU- 13

Encwadini 2 Amakhosi 5 sifunda ngomkhuzi wamabutho wezizwe uNamani onosifo sobulephero. Uzwa ngesisebenzi ukuthi uElisha angahle akwazi ukumphilisa ebese ehamba nezikhonzi zakhe eyolethela inkosi izipho. Uma uNamani ehlangabezana noElisha, ulundela uElisha ukuthi aphakamise isandla sakhe ukususa isifo sobulephero kuye. Esikhundleni salokho, uElisha umcela ukuthi enze into uNamani ayithatha ngengenangqondo, okuwukuthi ahambe ayozicwilisa izikhathi eziyisikhombisa eJordani. UNamani ekuqaleni uyenqaba ukukwenza lokhu kodwa ugcina ekwenza uma encengwa abaphelezeli bakhe. Uma enza njengokusho kukaElisha, uNamani uyaphulukiswa. Indlela uNamani enza ngayo ijwayelekile.



Esikhathini esithile empilweni yakho uke wazizwa kumele wenze okuthile njemgokusho kukaNkulunkulu obekubukeka kungenangqondo ngalesosikhathi. Mhlawumbe wacela uNkulunkulu akwenzele okuthile njengoNamani, kodwa impendulo yaKhe ayibanga njengoba wawucabanga futhi awufunanga ukuzehlisa wamkele indlela kaNkulunkulu. Uma sicela uNkulunkule asenzele okuthile ezimpilweni zethu akumele simcabangele ukuthi kumele akwenze kanjani nokuthi nini. Asibakhulu kunoNkulunkulu futhi kumle sibeke konke ukukholwa kwethu kuYe ukuthi uzokwenza ngesikhathi esifanele nangendlela efanele. Asiziphethe izintambo. UNkulunkulu okhonyayo futhi uIsaya 55:8 uyasitshela, izindlela zikaNkulunkulu akuzona ezethu. Iziphi izinyathelo ozozithatha ukuthoba ngokuphelele phambi kukaNkulunkulu nokuqonda ukuthi izindlela zaKhe akuzona ezethu?
Usuku 7Usuku 9

Mayelana naloluHlelo

Elisha: A Tale Of Ridiculous Faith

UElisha ungomunye wabantu abanohlonze eZwini likaNkulunkulu. Wayengumphrofethi okholo lwakhe nemimangaliso ayenza yayingakholweki. Kuloluhlelo lokufunda lwezinsuku ezi-13 uzofunda ngempilo kaElisha futhi ufunde emzekelwe...

More

We would like to thank Pastor Craig Groeschel and Life.Church for providing this plan. For more information, please visit: www.Life.Church

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo