Imininingwane ngohlelo

UElisha: Indatshana Yokukholwa OkumangazayoIsampula

Elisha: A Tale Of Ridiculous Faith

USUKU 5 KWEZINGU- 13

Uzwa izinselela ezibhekene nawe nezimo ezikumele zingaphezu kwamandla akho? Uzwa usuphelelwe amacebo futhi kungasekho lutho olusele empilweni ukukusiza? Ilokho okwakuzwiwa inkosikazi yomphrofethi owafa encwadini ka 2 Amakhosi 4:1-7. Ekufeni komyeni wakhe, lonkosikazi wayesesimweni esibucayi kwezezimali futhi esaba ukulahlekelwa yikho konke ayenakho-okufaka phakathi abafana bakhe-kwayayebakweleta. Wacela usizo kuElisha. Uma embuza ukuthi unani angayisebenzisa watshela ukuthi wayengenalutho ngaphandle kwesitsha samafutha. Mhlawumbe uyasazi isimo salowesifazane ngokuthi ucabanga ukuthi awunakho okwanele, uzwa uphelelwe futhi ubona kuphela ongenakho. UNkulunkulu ubona inkinga yakho ngokuhlukile kunawe.



Kuyo yonke imibhalo sibona izibonelo lapho unkulunkulu ephumelela ukwenza okuningi ngokuncane futhi lendatshana iyisibonela salokho. Umhlaba ungakubona lokhu njengokungenangqondo, kodwa uNkulunkulu akaboni kanjalo. UNkulunkulu wathatha isitsha esisodwa samafutha wasiphindaphinda kwaze kwenza ukuthi umfelokazi akwazi ukukhokha izikwelwtu zakhe zonke. Kulezo zikhathi lapho uzwa kungaphezu kwamandla ungenandlela, khumbula ukuthi lokho onakho yikho kodwa uNkulunkulu akudingayo. UNkulunkulu ukunike konke okudingayo. Yikuphi empilweni lapho uzwa kungaphezu kwamandla futhi ungenalutho olusele? Yiziphi lezozinto onazo ezingakusiza ukushintsha indlela obona izinto ngayo?
Usuku 4Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Elisha: A Tale Of Ridiculous Faith

UElisha ungomunye wabantu abanohlonze eZwini likaNkulunkulu. Wayengumphrofethi okholo lwakhe nemimangaliso ayenza yayingakholweki. Kuloluhlelo lokufunda lwezinsuku ezi-13 uzofunda ngempilo kaElisha futhi ufunde emzekelwe...

More

We would like to thank Pastor Craig Groeschel and Life.Church for providing this plan. For more information, please visit: www.Life.Church

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo