Imininingwane ngohlelo

UElisha: Indatshana Yokukholwa OkumangazayoIsampula

Elisha: A Tale Of Ridiculous Faith

USUKU 13 KWEZINGU- 13

Impilo kaElisha ifika emaphethelweni encwadini ya 2 Amakhosi 13:10-21 futhi walondoloza isimangaliso esimangalisa kunazozonke kuze kube yilesisikhathi. Uma esefile uElisha, abakwaMowabi bahlasela uIsrayeli ngenkathi idlanzana lamaIsrayeli bengcwaba umuntu, Ukuhlasela kwabathusa ngoba bavele balahla isidumbu ethuneni elaliseduze likaElisha. Uma isidumbu sithintana namathambo kaElisha, savele saphila. Nasekufeni, uNkulunkulu waqhubeka ngokusebenzisa uElisha njengesijobelelo ukusiza abandingayo nokwenza imimangaliso ezimpilweni zabantu. UElisha wayengumphrofethi okukholwa kwakhe, ukulalela, uzwelo, nesibindi sakhe sasithusa. Noma ngabe kwakuwukwenza ikhanda lembazo lintante, ukushisa igeja ngenxa yomlalelo kaEliya, noma ukubuyisa isidumbu siphile futhi noma asafa yena, uElisha ngaphandle kokuthandabuza ungomunye wabantu abamangalisayo eBhayibhelini.



Sekuyisikhathi sokufana noElisha nokuyeka ukuthandabuza. Isikhathi sokuthatha igxathu nokwenza izinqumo umhlaba ongeke waziqonda mhlawumbe. UElisha uyisibonakaliso esihle esiveza ukuthi impilo ingaba njani uma ukhetha ukuphila ngokukholwa okumangazayo. Uma uyekelela unikela konke kuNkulunkulu, Yena wenza okumangalisayo empilweni yakho nongacabanganga ukuthi kungenzeka. KKukuwe. Iziphi izinyathelo odinga ukuzithatha ukuze ube nokukholwa okufana nokukaElisha?
Usuku 12

Mayelana naloluHlelo

Elisha: A Tale Of Ridiculous Faith

UElisha ungomunye wabantu abanohlonze eZwini likaNkulunkulu. Wayengumphrofethi okholo lwakhe nemimangaliso ayenza yayingakholweki. Kuloluhlelo lokufunda lwezinsuku ezi-13 uzofunda ngempilo kaElisha futhi ufunde emzekelwe...

More

We would like to thank Pastor Craig Groeschel and Life.Church for providing this plan. For more information, please visit: www.Life.Church

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo