Imininingwane ngohlelo

UElisha: Indatshana Yokukholwa OkumangazayoIsampula

Elisha: A Tale Of Ridiculous Faith

USUKU 9 KWEZINGU- 13

Impilo kaElisha yayibukeka igcwele izimo ezimangalisayo. Esinye isimo esinjalo sitholakala ku 2 Amakhosi 6:1-7. Kulencwadi sithola iqembu labaphrofethi ligawula izihlahla ngezimbazo ezizosetshenziswa ukwakha izindlu ezintsha. Omunye wabaphrofethi ulahlekelwa ikhanda lembazo yakhe emanzini ebese eyadangala ngoba yayibolekiwe. UElisha uphendula ngokuthatha indukwana ayilahle endaweni lapho ilahleke khona emanzini. Ikhanda lembazo liyantanta emva kwalokho. Uma uqala ukufunda lendaba, kubonakala ngathi ayikho injongo kuyo, kodwa kuningi okufundwayo kuyo. UNkulunkulu unendaba nalokho okukulahlekele. Akukho okuncane kuNkulunkulu, ngisho ikhanda lembazo elilahlekile.



Ulahlekelwe yini? Ulahlekelwe isibusiso, ubudlelwane, ukuthula, amandla ezezimali, isithunzi, noma okunye? Okumnandi ukuthi uNkulunkulu angakusiza uthole okulahlekile ngokuqala ubuke ukuthi kwawelaphi. Buyela lapho waphuma khona endleleni udedele uNkulunkulu akusize ukukubuyisa. Kungenzeka udinga ukuyeka okuthile uqale okuthile okunye. Ikhanda lembazo yakho alilahlekile; lilapho owalishiya khona. UNKulunkulu angaphambana negravithi akubuyisele. Yini elahlekile odinga uNkulunkulu akusize uyibuyise? Uzokwenza kanjani lokhu?
Usuku 8Usuku 10

Mayelana naloluHlelo

Elisha: A Tale Of Ridiculous Faith

UElisha ungomunye wabantu abanohlonze eZwini likaNkulunkulu. Wayengumphrofethi okholo lwakhe nemimangaliso ayenza yayingakholweki. Kuloluhlelo lokufunda lwezinsuku ezi-13 uzofunda ngempilo kaElisha futhi ufunde emzekelwe...

More

We would like to thank Pastor Craig Groeschel and Life.Church for providing this plan. For more information, please visit: www.Life.Church

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo