Imininingwane ngohlelo

UElisha: Indatshana Yokukholwa OkumangazayoIsampula

Elisha: A Tale Of Ridiculous Faith

USUKU 4 KWEZINGU- 13

Isahluko 3 ku 2 Amakhosi indaba ehlaba umxhwele lapho sithola amakhosi amathathu kaIsrayeli, uJudah, kanye noEdomu ehlangana ukulwa impi ayecabanga ukuthi angayinqoba kalula, kodwa akuhambanga ngokohlelo. Amakhosi abese ecela usizo kuElisha. Impendula uElisha abanika yona akusiyo abayilindele. UElisha uthi kubo abahambe bambe imigodi nokuthi uNkulunkulu uzoyigcwalisa ngamanzi, loku okuzonika amabutho amandla kanye nemfuyo yabo. Uma benza lokhu, uthi uElisha uzonikela isizwe sikaMowabi ezandleni zabo. Amakhosi kungenzeka abona lesisicelo njengehlaya, kodwa akholelwa esethenjisweni sikaNkulunkulu benza njengokwakushiwo.



Ledaba ikhuluma ngokukholwa. UNkulunkulu kuphela ongathumela amanzi, kodwa ufuna ugubhe imigodi. Uma ufuna amanzi empilweni yakho, gubha umgodi. Ukukholwa kwempela kusebenza kukholwe kakhulu, kodwa kumele wamkele ukuqala kancane. Ubukhulu bombono wakho abumthusi uNkulunkulu. Abaningi abacabangi ngobukhulu, kodwa abanye abafuni ukuqala kancane. Ugubha kanjani umgodi? Thatha "ifosholo" ugubhe kancane kancane. Iliphi iphupho elikhulu onalo odinga usizo lukaNkulunkulu ukulifeza? Imiphi imigodi emincane okumele uyigubhe ukuze uqale ukubona leliphupho lifezeka?
Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

Elisha: A Tale Of Ridiculous Faith

UElisha ungomunye wabantu abanohlonze eZwini likaNkulunkulu. Wayengumphrofethi okholo lwakhe nemimangaliso ayenza yayingakholweki. Kuloluhlelo lokufunda lwezinsuku ezi-13 uzofunda ngempilo kaElisha futhi ufunde emzekelwe...

More

We would like to thank Pastor Craig Groeschel and Life.Church for providing this plan. For more information, please visit: www.Life.Church

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo