YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 74

74
Ukukhala ngethempeli elingcolisiweyo
IMaskili* lika-Asafa.
1Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na?
Intukuthelo yakho ithunqelelani izimvu zedlelo lakho na?
2Khumbula ibandla lakho owalizuza endulo,
owalikhulula ukuba libe yisifunda sefa lakho,
nentaba yaseSiyoni ohlala kuyo.
3Lulamisela izinyawo zakho emidilikweni yaphakade;
isitha sone konke endlini engcwele.
4Izitha zakho zibhongile phakathi kwendlu yakho yokubuthana,
zamisa izimpawu zazo zaba yizimpawu.
5Zaba sengathi abantu baphakamisa amazembe
emithini eminyeneyo.
6 Konke okubaziweyo kwayo
sezikuphohloze ngembazo nangesando.
7 Zayokhela indlu yakho engcwele;
indlu yegama lakho zayidumaza kwaze kwaba phansi emhlabathini.
8Zathi enhliziyweni yazo: “Masibachithe kanyekanye,”
zashisa zonke izindlu zokubuthana zikaNkulunkulu ezweni.
9 Izimpawu zethu asiziboni;
akusekho mprofethi;
akakho kithina owaziyo ukuthi koze kube nini.
10Nkulunkulu, koze kube nini umcindezeli ethuka,
isitha sihlambalaza igama lakho njalo, na?
11Usihoshelani isandla sakho,
isandla sakho sokunene, na?
Sihoshe esifubeni sakho, uzichithe.
12Nokho uNkulunkulu uyiNkosi yami kwaphakade
eyenza insindiso emhlabeni.
13 Nguwena owahlukanisa ulwandle ngamandla akho,
wachofoza amakhanda ezilo ezesabekayo emanzini.
14Nguwena owaphohloza amakhanda kaLeviyathani,*
wamnika abe ngukudla kwezidalwa zasehlane.
15 Nguwena owaqhamukisa isiphethu nomfudlana;
nguwe owomisa imifula egobhoza njalo.
16 Usuku ngolwakho,
nobusuku ngobakho;
nguwena owenza ukukhanya nelanga.
17Nguwena owamisa yonke imikhawulo yomhlaba;
nguwe owenza ihlobo nobusika.
18Khumbula lokhu, Jehova,
ukuthi isitha sithukile,
nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho.
19Ungawunikeli umphefumulo wejuba lakho esilwaneni;
ungakhohlwa ukuphila kwezihlupheki zakho njalo.
20Khumbula isivumelwano,
ngokuba izindawo ezimnyama zezwe zigcwele izindlu zobudlova.
21Ocindezelweyo makangabuyi ejabhile;
ohluphekayo nompofu mababonge igama lakho.
22Vuka, Nkulunkulu,
uyimele indaba yakho;
khumbula ukuthi uklolodelwa yiziwula usuku lonke.
23Ungakhohlwa izwi lezitha zakho,
ukuxokozela kwabakuvukelayo okwenyukela njalonjalo.

Currently Selected:

AmaHubo 74: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy