43
Ukukhuleka kuNkulunkulu, umahluleli wezinto zonke
1 #
AmaH. 26:1
Ngahlulele, Nkulunkulu ungimele endabeni yami esizweni esingenamusa,
ngikhulule kumuntu wenkohliso nongenakulunga.
2 #
AmaH. 42:9
Ngokuba wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami;
ungilahleleni na?
Ngihambelani ngilila,
ngicindezelwe yisitha, na?
3 #
2 Sam. 6:17
Thuma ukukhanya kwakho neqiniso lakho,
kungihole, kungiyise entabeni yakho engcwele
nasezindlini zakho,
4 #
AmaH. 26:6
ngize ngifike kulo i-altare likaNkulunkulu,
kuNkulunkulu wenjabulo yokwethaba kwami,
ngikudumise ngehabhu,* Nkulunkulu, Nkulunkulu wami.
5 #
AmaH. 42:5,11 Yini ukuba udangale,
mphefumulo wami,
uyaluze phakathi kwami, na?
ngisezakumdumisa yena
oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.