3
Ukukhala kohlushiweyo
Ihubo likaDavide ebalekela u-Abisalomu indodana yakhe.
1 #
AmaH. 38:19; 56:3 Hhawu, Jehova, ziningi izitha zami.
Baningi abangivukelayo.
2 #
2 Sam. 16:7
Baningi abathi emphefumulweni wami:
“Akukho ukusinda kwakhe kuNkulunkulu.” Sela*
3 #
AmaH. 5:12; 18:1; 84:11 Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi,
uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.
4 #
AmaH. 121:1
Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova;
yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela*
5 #
AmaH. 4:8
Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo;
ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile.
6 #
AmaH. 27:3
Angesabi amashumi ezinkulungwane zabantu
abangihaqile nxazonke.
7 #
AmaH. 58:6
Vuka, Jehova,
ungisindise, Nkulunkulu wami,
ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini,
amazinyo ababi uwaphulile.
8 #
Isaya 43:11
Insindiso ingekaJehova;
isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela*