132
Isithembiso sikaDavide kuJehova nesithembiso sikaJehova kuDavide
Igama lokukhuphuka.
1 #
AmaH. 56:8
Jehova,
mkhumbulele uDavide zonke izinhlupheko zakhe
2ukuthi wafunga kuJehova,
wenza isithembiso kuye onguMninimandla kaJakobe, ethi:
3“Angiyikungena etendeni lendlu yami;
angiyikwenyukela embhedeni wami;
4 #
2 Sam. 7:2; 1 IziKr. 17:1 angiyikunika amehlo ami ubuthongo,
nezinkophe zami ukozela
5 #
IzE. 7:46
ngingakatholeli uJehova indawo,
indlu yonguMninimandla kaJakobe.”
6Bheka, sizwile ngakho e-Efratha,
sakufumana ezweni laseJari.
7 #
AmaH. 122:1
“Masingene endlini yakhe,
sikhuleke ngasesenabelweni sezinyawo zakhe.
8 #
Num. 10:35; 2 IziKr. 6:41 Vuka, Jehova, uye ekuphumuleni kwakho,
wena nomphongolo wamandla akho.
9Abapristi bakho mabembeswe ukulunga,
abangcwele bakho bethabe.”
10 #
AmaH. 18:50
Ngenxa yenceku yakho uDavide
mawungaphenduli ubuso bogcotshiweyo wakho.
11 #
2 Sam. 7:11; AmaH. 89:2; IzE. 2:30 UJehova ufungile kuDavide ngeqiniso,
akabuyi kukho, ethi:
“Owenzalo yomzimba wakho
ngiyakumbeka esihlalweni sakho sobukhosi.
12Uma abantwana bakho begcina isivumelwano sami
nobufakazi bami engiyakubafundisa bona,
khona abantwana babo bayakuhlala
esihlalweni sakho kuze kube phakade.”
13Ngokuba uJehova ukhethile iSiyoni;
ulithandile libe yindawo yakhe yokuhlala:
14 #
AmaH. 68:16
“Yona ingeyokuphumula kwami kuze kube phakade;
lapha ngiyakuhlala khona,
ngokuba ngiyifunile.
15Ngiyakubusisa kakhulu ukudla kwalo;
abampofu balo ngiyakubasuthisa ngesinkwa.
16 #
Isaya 61:6,10 Abapristi balo ngiyakubembesa insindiso;
abangcwele balo bayakumemeza nokumemeza ngenjabulo.
17 #
1 AmaKh. 11:36; AmaH. 18:28; Luk. 1:69; 2:32 “Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide,
ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.
18Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo,
kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.”