YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 104

104
Ihubo lokudumisa umdali wezinto zonke
1Mbonge uJehova, mphefumulo wami;
Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu,
wembethe udumo nobukhosi;
2 ogqoka ukukhanya njengengubo,
oweneka izulu njengendwangu;
3 obeka imishayo yezindlu zakhe emanzini,
owenza amafu abe yinqola yakhe,
ohamba ngamaphiko omoya;
4 owenza izingelosi zibe yimimoya,
izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo.
5 Umisile umhlaba phezu kwezisekelo zawo,
ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade naphakade.
6Wawumboza ngolwandle njengengubo;
amanzi ema phezu kwezintaba.
7Ngokukhuza kwakho abaleka,
ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka.
8Enyuka izintaba, ehla izigodi,
aze afika endaweni owawuyimisele wona.
9 Umisile umncele ukuba angaweqi,
angabuyi ukusibekela umhlaba.
10Uthumela imithombo ezigodini;
yona igijima phakathi kwezintaba.
11Iyaphuzisa izilwane zonke zasendle,
izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo.
12Izinyoni zezulu zakhile ngakuyo,
zizwakalisa izwi lazo phakathi kwamagatsha.
13Uphuzisa izintaba okuvela emakamelweni akhe;
umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi yakho.
14 Uhlumisela izinkomo utshani
nemifino yokusiza umuntu,
ukuze aveze ukudla emhlabeni,
15 newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu,
namafutha okukhazimulisa ubuso,
nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.
16Iyasutha imithi kaJehova,
imisedari* yaseLebanoni ayitshalileyo,
17okwakhele kuyo izinyoni;
ugolantethe unendlu yakhe kuyo imisayipuresi.*
18Izintaba eziphakemeyo ngezezimbuzi zasendle;
amawa ayisiphephelo sezimbila.
19Wenza inyanga ibe ngeyokwahlukanisa izikhathi;
ilanga liyazi ukushona kwalo.
20Wenza ubumnyama kube ngubusuku;
phakathi kwabo kuphuma izilo zonke zasehlathini.
21 Izingonyama ezintsha zibhongela impango,
zifuna ukudla kwazo kuNkulunkulu.
22Liphuma ilanga,
bese zibuyela phansi zilale emihumeni yazo.
23Bese kuphuma umuntu,
aye emsebenzini wakhe
nasekukhandlekeni kwakhe kuze kuhlwe.
24Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho;
yonke uyenzile ngokuhlakanipha;
umhlaba ugcwele izidalwa zakho.
25Nantu ulwandle, lukhulu, lubanzi;
lapho kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa,
izilwane ezincane nezinkulu.
26 Kuhamba khona imikhumbi,
uLeviyathani* lowo omenzile ukuba adlale kulo.
27 Zonke lezi zidalwa zibheka wena,
ukuze uzinike ukudla kwazo ngesikhathi esiyiso.
28 Uyazinika ukudla, zibuthe;
uvula isandla sakho, zisuthe ngokuhle.
29 Uyasitheza ubuso bakho, zethuke;
uyasusa umphefumulo wazo, zife,
zibuyele othulini lwazo.
30 Uyathumela umoya wakho, zidalwe;
wenza bube busha ubuso bomhlaba.
31Inkazimulo kaJehova mayime kuze kube phakade;
uJehova kathokoze ngemisebenzi yakhe,
32 yena obheka umhlaba, besewuthuthumela,
othinta izintaba, zithunqe.
33 Ngiyakumhubela uJehova kukho konke ukuphila kwami;
ngiyakuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisekhona.
34Ukuzindla kwami makube mnandi kuye;
mina mangithokoze kuJehova.
35Izoni maziphele emhlabeni,
kungabe kusaba khona ababi.
Mbonge uJehova, mphefumulo wami.
Haleluya!

Currently Selected:

AmaHubo 104: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy