YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 105

105
Igama lokudumisa uJehova ngezenzo zakhe zomusa
1 Bongani uJehova, nibize igama lakhe,
nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe.
2Hlabelelani kuye, nimhubele,
nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke.
3Zibongeni egameni lakhe elingcwele;
mazithokoze izinhliziyo zabamfunayo uJehova.
4Funani uJehova namandla akhe,
nifunisise ubuso bakhe njalo.
5Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo,
nezibonakaliso zakhe,
nezahlulelo zomlomo wakhe,
6nina nzalo ka-Abrahama inceku yakhe,
nina bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe.
7Yena unguJehova uNkulunkulu wethu;
izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke.
8 Ukhumbulile isivumelwano sakhe kuze kube phakade,
izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane,
9 avumelana kuso no-Abrahama,
nesifungo sakhe ku-Isaka;
10 wasiqinisa kuJakobe,
saba ngumthetho,
naku-Israyeli, saba yisivumelwano esiphakade,
11ethi: “Ngizakukunika izwe laseKhanani
libe yisabelo sefa lakho,”
12lapho babe yingcosana ngomumo,
yebo, lapho babe yingcosana,
futhi babe yizihambi kulo.
13 Bazulazula ezizweni ngezizwe,
besuka kulo mbuso, beya kwabanye abantu.
14 Akavumelanga muntu ukubahlupha,
wajezisa amakhosi ngenxa yabo,
15ethi: “Ningathinti abagcotshiweyo bami,
ningoni abaprofethi bami.”
16Futhi wathuma indlala phezu kwezwe,
walwaphula uzime lwesinkwa.
17 Wathuma indoda phambi kwabo:
uJosefa wathengiswa abe yisigqila.
18 Balimaza izinyawo zakhe ngamaketanga,
waboshwa ngensimbi.
19Kwaze kwaba yisikhathi elagcwaliseka ngaso izwi lakhe,
izwi likaJehova lamhola.
20 Inkosi yathuma yamthukulula,
umbusi wabantu wamkhulula.
21 Wamenza umphathi wendlu yakhe
nenduna yezinto zakhe zonke,
22ukuze abophe izikhulu zakhe ngokuthanda kwakhe,
afundise amalunga akhe ukuhlakanipha.
23 U-Israyeli wayesefika eGibithe,
uJakobe wagogobala ezweni likaHamu.
24 Wandisa kakhulu abantu bakhe;
wabenza babe namandla kunezitha zabo.
25 Wayiguqula inhliziyo yabo ukuba bazonde abantu bakhe,
baphathe izinceku zakhe ngobuqili.
26 Wathuma uMose inceku yakhe,
u-Aroni abemkhethile.
27 Benza phakathi kwabo izibonakaliso zakhe
nezimangaliso ezweni likaHamu.
28 Wathuma ubumnyama,
wenza kwaba mnyama,
kepha baphambana namazwi akhe.
29 Waphendula amanzi abo aba yigazi;
wabhubhisa izinhlanzi zabo.
30 Izwe labo lagcwala amasele
nasezindlini zamakhosi abo.
31 Wakhuluma, kwavela izibawu
nezinsensane eminceleni yabo yonke.
32 Wabanika isichotho saba yimvula yabo,
amalangabi omlilo ezweni labo.
33Washaya nemivini yabo nemikhiwane yabo;
waphula imithi yasezweni labo.
34 Wakhuluma, kwavela isikhonyane
nezinkumbi ezingenakubalwa.
35Zona zadla imifino yonke yezwe lakubo,
zaqothula nezithelo zomhlabathi wabo.
36 Washaya namazibulo onke ezweni lakubo,
okokuqala kwamandla abo.
37 Wayesebakhipha benesiliva negolide,
kungekho ontengezelayo emindenini yakubo.
38IGibithe lajabula ekuphumeni kwabo,
ngokuba ukwesaba kwabehlela.
39 Wendlala ifu lokubasibekela,
nomlilo wokukhanyisa ebusuku.
40 Bacela, waletha izigwaca,
wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini.
41 Wavula idwala,
kwampompoza amanzi,
agobhoza emahlane njengomfula.
42Ngokuba wakhumbula izwi lakhe elingcwele
no-Abrahama inceku yakhe.
43Wayesekhipha abantu bakhe ngokujabula,
abakhethiweyo bakhe ngokuthokoza.
44Wabapha amazwe abezizwe,
badla isithelo somsebenzi wabantu
45 ukuba baqaphele izimiso zakhe,
bagcine imithetho yakhe.
Haleluya!

Currently Selected:

AmaHubo 105: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy