YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 103

103
Ihubo lokudumisa uNkulunkulu ngomusa wakhe
1Mbonge uJehova, mphefumulo wami;
konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.
2Mbonge uJehova, mphefumulo wami,
ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa,
3 yena othethelela zonke izono zakho,
owelapha zonke izifo zakho;
4 okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni,
okuqhelisa ngomusa nangobubele;
5 osuthisa ukulangazela kwakho ngokuhle,
ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi.
6 UJehova ubenzela bonke abacindezelwayo
ukulunga nokwahlulela.
7 Wamazisa uMose izindlela zakhe,
nabantwana bakwa-Israyeli izenzo zakhe.
8 UJehova unobubele nesihawu;
wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.
9 Akathethi njalonjalo;
akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade.
10Akasiphathi njengokufanele izono zethu,
akasivuzi njengokwamacala ethu.
11 Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba
unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.
12Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga,
udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.
13 Njengoyise ehawukela abantwana bakhe,
kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.
14 Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu;
uyakhumbula ukuthi siluthuli.
15 Izinsuku zomuntu zinjengotshani;
uyakhahlela njengembali yasendle.
16 Ngokuba umoya uyadlula phezu kwayo, bese yinyamalala,
nendawo yayo ingabe isayazi.
17 Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade,
nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,
18kubo abagcina isivumelwano sakhe
bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.
19UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini;
nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.
20 Bongani uJehova nina zingelosi zakhe,
nina maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe
nilalela ukukhuluma kwezwi lakhe.
21 Bongani uJehova nina mabandla onke akhe,
nina zinceku zakhe enenza intando yakhe.
22Bongani uJehova nina misebenzi yakhe yonke
ezindaweni zonke zombuso wakhe.
Mbonge uJehova, mphefumulo wami.

Currently Selected:

AmaHubo 103: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy