YouVersion Logo
Search Icon

IzAga 21

21
1 Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi;
uyayiphendulela lapho ethanda khona.
2 Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe,
kepha uJehova ulinganisa izinhliziyo.
3 Ukwenza ukulunga nokwahlulela
kukhethekile kuJehova kunemihlatshelo.
4 Ukuzidla kwamehlo nokuziqhenya kwenhliziyo,
isibani sababi, kuyisono.
5 Imicabango yokhutheleyo isenzuzweni,
kepha eyabo bonke abaphangisayo isekusweleni kuphela.
6 Ukuthola ingcebo ngolimi lwamanga
kuyize elizulazuliswa,
nezingibe zokufa.
7Ukuchitha kwababi kuyabaqothula,
ngokuba benqaba ukwenza ukulunga.
8Indlela yothweswe icala iyinsongensonge,
kepha ohlanzekileyo,
isenzo sakhe silungile.
9 Kungcono ukuhlala egumbini lophahla
kunokuhlala nowesifazane oxabanayo endlini ehlanganyelweyo.
10Umphefumulo womubi ufisa okubi;
umakhelwane wakhe kafumani isisa emehlweni akhe.
11 Lapho isideleli sihlawuliswa,
ongenalwazi uyahlakanipha,
nalapho ohlakaniphileyo efundiswa,
uyathola ukwazi.
12 Olungileyo uyaqaphela indlu yomubi;
ababi bayachithelwa ebubini.
13Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofu
naye uyakukhala angaphendulwa.
14 Isipho ekusithekeni siyadambisa ulaka,
nomvuzo esifubeni ukufutheka okunamandla.
15Kuyintokozo kolungileyo ukwenza ukwahlulela,
kepha kwabenza ukona kuyincithakalo.
16Umuntu oduka endleleni yokuhlakanipha
uyakuphumula ebandleni lezithunzi.
17 Othanda injabulo uyakuba mpofu,
nothanda iwayini namafutha kayikuceba.
18 Omubi uyihlawulo lolungileyo,
nombuluzayo usesikhundleni sabaqotho.
19 Kungcono ukuhlala ezweni lasehlane
kunokuhlala nowesifazane oxabanayo nothethayo.
20Kukhona ingcebo enxanelekayo
namafutha endlini yohlakaniphileyo,
kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.
21Olandela ukulunga nomusa
uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.
22 Ohlakaniphileyo angenyukela emzini wamaqhawe,
awise phansi inqaba ayethembayo wona.
23 Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe
ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.
24Ozidlayo nozigabisayo,
yisideleli igama lakhe,
yena osebenza ngokuziphakamisa okukhulu.
25 Isifiso sevila siyalibulala,
ngokuba izandla zalo ziyenqaba ukusebenza.
26Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke,
kepha olungileyo uyaphana engancishi.
27 Umhlatshelo wababi uyisinengiso;
kakhulu kangakanani uma ulethwa ngomgomo omubi.
28 Ufakazi wamanga uyabhujiswa,
kepha umuntu ozwileyo angakhuluma njalo.
29Umuntu omubi uyenza lukhuni ubuso bakhe,
kepha oqotho uyanaka indlela yakhe.
30 Akukho ukuhlakanipha,
akukho ukuqonda,
nesiluleko, okungamelana noJehova.
31 Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa,
kepha ukusindiswa kungokukaJehova.

Currently Selected:

IzAga 21: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy