21
1 #
AmaH. 33:15
Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi;
uyayiphendulela lapho ethanda khona.
2 #
IzA. 16:2
Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe,
kepha uJehova ulinganisa izinhliziyo.
3 #
1 Sam. 15:22; Isaya 1:11; Hos. 6:6 Ukwenza ukulunga nokwahlulela
kukhethekile kuJehova kunemihlatshelo.
4 #
AmaH. 101:5; IzA. 10:16; 13:9 Ukuzidla kwamehlo nokuziqhenya kwenhliziyo,
isibani sababi, kuyisono.
5 #
IzA. 10:4; 13:4; 14:23; 28:20 Imicabango yokhutheleyo isenzuzweni,
kepha eyabo bonke abaphangisayo isekusweleni kuphela.
6 #
IzA. 10:2; Jak. 5:1 Ukuthola ingcebo ngolimi lwamanga
kuyize elizulazuliswa,
nezingibe zokufa.
7Ukuchitha kwababi kuyabaqothula,
ngokuba benqaba ukwenza ukulunga.
8Indlela yothweswe icala iyinsongensonge,
kepha ohlanzekileyo,
isenzo sakhe silungile.
9 #
IzA. 25:24
Kungcono ukuhlala egumbini lophahla
kunokuhlala nowesifazane oxabanayo endlini ehlanganyelweyo.
10Umphefumulo womubi ufisa okubi;
umakhelwane wakhe kafumani isisa emehlweni akhe.
11 #
IzA. 19:25
Lapho isideleli sihlawuliswa,
ongenalwazi uyahlakanipha,
nalapho ohlakaniphileyo efundiswa,
uyathola ukwazi.
12 #
Shum. 5:7
Olungileyo uyaqaphela indlu yomubi;
ababi bayachithelwa ebubini.
13Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofu
naye uyakukhala angaphendulwa.
14 #
IzA. 17:8,23; 18:16 Isipho ekusithekeni siyadambisa ulaka,
nomvuzo esifubeni ukufutheka okunamandla.
15Kuyintokozo kolungileyo ukwenza ukwahlulela,
kepha kwabenza ukona kuyincithakalo.
16Umuntu oduka endleleni yokuhlakanipha
uyakuphumula ebandleni lezithunzi.
17 #
IzA. 23:20; Luk. 15:13 Othanda injabulo uyakuba mpofu,
nothanda iwayini namafutha kayikuceba.
18 #
Est. 7:9; IzA. 11:8 Omubi uyihlawulo lolungileyo,
nombuluzayo usesikhundleni sabaqotho.
19 #
IzA. 25:24
Kungcono ukuhlala ezweni lasehlane
kunokuhlala nowesifazane oxabanayo nothethayo.
20Kukhona ingcebo enxanelekayo
namafutha endlini yohlakaniphileyo,
kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.
21Olandela ukulunga nomusa
uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.
22 #
IzA. 24:5; Shum. 7:20; 9:16,18 Ohlakaniphileyo angenyukela emzini wamaqhawe,
awise phansi inqaba ayethembayo wona.
23 #
IzA. 13:3
Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe
ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.
24Ozidlayo nozigabisayo,
yisideleli igama lakhe,
yena osebenza ngokuziphakamisa okukhulu.
25 #
IzA. 20:4
Isifiso sevila siyalibulala,
ngokuba izandla zalo ziyenqaba ukusebenza.
26Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke,
kepha olungileyo uyaphana engancishi.
27 #
IzA. 15:8; Isaya 1:13 Umhlatshelo wababi uyisinengiso;
kakhulu kangakanani uma ulethwa ngomgomo omubi.
28 #
Dut. 19:18; IzA. 9:5,9 Ufakazi wamanga uyabhujiswa,
kepha umuntu ozwileyo angakhuluma njalo.
29Umuntu omubi uyenza lukhuni ubuso bakhe,
kepha oqotho uyanaka indlela yakhe.
30 #
Jobe 5:12; IzA. 11:21; Isaya 8:10 Akukho ukuhlakanipha,
akukho ukuqonda,
nesiluleko, okungamelana noJehova.
31 #
AmaH. 33:16; 147:10 Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa,
kepha ukusindiswa kungokukaJehova.