YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 9

9
UJobe uphendula inkulumo yokuqala kaBilidadi: uyahlushwa kungekho sizathu
1Wayesephendula uJobe ethi:
2 “Ngeqiniso ngiyazi ukuthi kunjalo,
kepha umuntu angaba elungile phambi kukaNkulunkulu na?
3Uma efuna ukuthetha amacala naye,
angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.
4Ehlakaniphile enhliziyweni,
eqinile emandleni,
ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,
5yena ogudluza izintaba ngokungazeleli,
ezigumbuqela ngentukuthelo yakhe;
6ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo,
kuthuthumele izinsika zawo;
7oyala ilanga lingaphumi,
avalele izinkanyezi;
8 oweneka izulu yedwa,
ahambe emazeni olwandle;
9 owenza iBhere,* neMpambano,
nesiLimela,
namaKamelo aseningizimu;*
10 owenza izinto ezinkulu ezingenakuhlolwa,
yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.
11Bheka, uyangidlula, ngingaboni;
uyagudla, ngingezwa.
12Bheka, uyabamba;
ngubani ongamkhalima na?
Ngubani ongasho kuye ukuthi:
‘Wenzani na?’
13 “UNkulunkulu akayikubuyisa intukuthelo yakhe;
phansi kwakhe bayakhothama abasizi bakaRahabi.
14Pho, mina ngingamphendula ngithini,
ngikhethe amazwi ami aqondene naye, na?
15Noma bengilungile,
bengingenakumphendula,
kepha nginxuse umahluleli wami.
16Uma bengimbizile abesengiphendula,
bengingayikukholwa nokho ukuthi
ubekile indlebe ezwini lami.
17Uyangilimaza ngesiphepho;
uyandisa amanxeba ami ngeze.
18Kavumi ukuba ngiphefumule,
kepha uyangigcwalisa ngomunyu.
19Uma kuyindaba yamandla,
nangu onawo;
uma yindaba yokwahlulela,
ngubani ongimemayo na?
20Noma ngilungile,
umlomo wami uyakungilahla;
noma ngingenacala,
uyakuthi ngonakele.
21Anginasici; anginakekeli umphefumulo wami;
anginanzi ukuphila kwami.
22 Ukuphela kunye nje; ngalokho ngithi:
‘Uyaqeda ongenasici kanye nomubi.’
23Uma isiswebhu sibulala ngokuzumayo,
uyahleka ingozi yabangenacala.
24Umhlaba unikezwe esandleni sababi;
uyasibekela ubuso babahluleli bawo;
uma kungesiye, pho, ngubani na?
25“Imihla yami iyashesha kunesigijimi;
iyabaleka ingabonanga okuhle.
26Itshuza njengomkhunjana womhlanga,
njengokhozi olutheleka empangweni.
27Noma ngithi ngiyakukhohlwa ukukhala kwami,
ngiyeke ukunyukubala kwami, ngincibilike,
28ngiyesaba nokho bonke ubuhlungu bami,
ngiyazi ukuthi awuyikungibheka nginjengongenacala.
29Ngiyakulahlwa mina;
ngikhandlekelani ize na?
30 Noma ngizigeza ngamanzi eqhwa,
ngihlambe izandla zami ngensipho,
31uyakungicwilisa nokho emgodini,
izingubo zami zinengwe yimi.
32 Ngokuba akasiye umuntu onjengami
ukuba ngingase ngimphendule,
siye kanyekanye ekwahlulelweni.
33Akukho mnqamulajuqu phakathi kwethu
ongabeka isandla sakhe phezu kwethu sobabili.
34 Makayisuse induku yakhe kimi;
ingebhe ngaye mayingangesabisi.
35Khona ngiyakukhuluma, ngingamesabi,
ngokuba anginjalo ngokwami.

Currently Selected:

UJobe 9: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy