YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 8

8
Inkulumo yokuqala kaBilidadi: isandla sikaNkulunkulu sishaya ababi; abalungileyo bayasindiswa
1Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:
2“Koze kube nini ukhuluma lezi zinto,
amazwi akho abe ngumoya onamandla, na?
3 UNkulunkulu uhlanekezela ukwahlulela yini?
USomandla uphendukezela ukulunga na?
4Uma abantwana bakho bonile kuye,
yena wabanikela emandleni ezono zabo,
5khona, uma wena ufunisisa uNkulunkulu,
unxuse kuye uSomandla,
6uma uhlambulukile, futhi ulungile,
khona yena uyakuvuka ngenxa yakho,
aphumelelise ikhaya lokulunga kwakho.
7Ukuqala kwakho sekuyakuba ngokuncane,
nokugcina kwakho kube ngokukhulu kakhulu.
8Ake ubuze ezizukulwaneni zakuqala,
uzibhekise lokho abakuphenyileyo oyise bazo,
9 ngokuba thina singabezolo nje, asinalwazi,
lokhu imihla yethu emhlabeni iyithunzi;
10bona abayikukufundisa yini, bakutshele,
bakhiphe amazwi ezinhliziyweni zabo, na?
11Umhlanga ungahluma lapho kungekho xhaphozi na?
Incema ingamila kungekho manzi na?
12Uma iseluhlaza, ingakakhiwa,
iyabuna phambi kwabo bonke utshani.
13 “Zinjalo izindlela zabo bonke abakhohlwa uNkulunkulu:
ithemba longenaNkulunkulu liyakuchitheka;
14ithemba lakhe liyakunqunywa,
nesisekelo sakhe siyindlu yolwembu.
15 Uyakwencika endlini yakhe,
kepha ayiyikuma;
uyakubambelela kuyo,
kepha ayiyikuqina.
16Yena uluhlaza phambi kwelanga;
imixhantela yakhe iyaxhantela ensimini yakhe.
17Izimpande zakhe ziyathandela enqwabeni yamatshe,
aqhekeze indawo yamatshe.
18Uma echithwa endaweni yakhe,
iyakumala ngokuthi:
‘Angizange ngikubone.’
19Bheka, injalo indlela yokuthokoza kwakhe;
kuyakuvela abanye othulini.
20“UNkulunkulu akamlahli opheleleyo,
kabambi isandla sababi,
21 aze agcwalise umlomo wakho ngokuhleka,
nezindebe zakho ngokumemeza.
22Abakuzondayo bayakwembeswa amahloni;
itende lababi aliyobe lisabakho.”

Currently Selected:

UJobe 8: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy