YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 34

34
Ukwahlulelwa kuka-Edomi
1 Sondelani nina zizwe, nizwe,
nilalele nina bantu:
makuzwe umhlaba nokugcwala kwawo,
nezwe nakho konke okuvela kulo.
2Ngokuba uJehova uthukuthelela izizwe zonke,
ufuthekela yonke impi yazo;
uziqalekisile, uzinikele ekubulaweni.
3 Ababuleweyo bazo balahliwe,
nokunuka kuyenyuka ezidunjini zabo;
izintaba zincibilika ngegazi labo.
4 Ibandla lonke lasezulwini liyaphela,
izulu lisongwe njengomqulu;
ibandla lonke liyawa njengokuwa kweqabunga emvinini
nanjengokubunileyo emkhiwaneni.
5Ngokuba inkemba yami izanelisile ngegazi ezulwini;
bheka, iyakwehlela phezu kuka-Edomi
naphezu kwabantu besiqalekiso sami ukuba ibahlulele.
6 UJehova unenkemba; igcwele igazi,
inonile ngamanoni nangegazi lamawundlu nelezimbuzi,
nangamanoni ezinso zezinqama,
ngokuba uJehova uyanikela eBosira,
unokuhlaba okukhulu ezweni lakwa-Edomi.
7Izinyathi ziwa kanye nazo,
nezinkunzana kanye nezinkunzi;
izwe labo liyakugcwala igazi,
nothuli lwabo luyakunona ngamanoni.
8 Ngokuba kulusuku lokuphindisela kukaJehova;
ngumnyaka wokubuyisela ngendaba yaseSiyoni.
9Imifudlana yakhona iyakuphenduka ikolitayi,*
uthuli lwakhona lube yisibabule,
nezwe langakhona libe yikolitayi elivuthayo.
10 Aliyikucinywa ubusuku nemini;
umusi walo uyakukhuphuka kuze kube phakade;
izizukulwane ngezizukulwane liyakuba yize,
akuyikulidabula muntu nanini nanini.
11 Liyakuba yifa levuba nelikanondwebu,
kwakhe kulo isikhova negwababa;
uyakwelula phezu kwalo intambo yencithakalo,
nomthofu wokumisa wokuyize.
12Phakathi kwabakhulu balo akakho
oyakumemezela umbuso,
nazo zonke izikhulu zalo ziyakuba yinto engelutho.
13 Ameva ayakukhuphukela ezindlini zamakhosi,
izimbabazane namakhakhasi ezinqabeni zalo,
libe yikhaya lamakhanka
negceke lezintshe.
14 Izilwane zasehlane ziyakuhlangana nezimpungushe,
nedemoni liyakukhala kumngane walo,
kwakhe khona umkhovu,
uzitholele indawo yokuphumula.
15Lapho umantshingeyana uyakwakha ikhaya lakhe,
azalele, achamisele,
afukame ngomthunzi wakhe,
kubuthane khona nawonhloyile,
kube yilowo nalowo nomngane wakhe.
16Funani encwadini kaJehova, nifunde;
ayiyikusilala nento eyodwa kulokhu,
ayikho eyakuswela umngane wayo,
ngokuba ngumlomo wakhe okuyalezile,
nomoya wakhe okuhlanganisile.
17Nguye okwenzele inkatho;
yisandla sakhe esikwabele ngentambo;
kuyakudla ifa lalo kuze kube phakade,
izizukulwane ngezizukulwane kuyakuhlala kulo.

Currently Selected:

U-Isaya 34: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy