YouVersion Logo
Search Icon

U-Eksodusi 27

27
I-altare leminikelo yokushiswa
1 “Wolenza i-altare ngomuthi womtholo, ubude balo bube yizingalo eziyisihlanu, ububanzi balo bube yizingalo eziyisihlanu, i-altare lilingane izinhlangothi zozine; ukuphakama kwalo kube yizingalo ezintathu. 2Uyakwenza izimpondo zalo emagumbini alo omane, izimpondo zalo zibe kunye nalo, ulinameke ngethusi. 3Wenze izitsha zalo zokususa umlotha walo, namafosholo alo, nezitsha zalo, nezimfoloko zalo, nemicengezi yalo yomlilo, uzenze zonke izinto zalo ngethusi. 4Ulenzele ihele lethusi elenziwe njengenetha, wenze amasongo amane ethusi enetheni ngasemagumbini alo omane. 5Wolibeka ngaphansi, phansi kosiko oluzungeza i-altare, ukuba inetha lifinyelele ngaphakathi kwe-altare ukuya phezulu. 6Uyakwenza izinti ze-altare, izinti zomuthi womtholo, uzinameke ngethusi. 7Izinti zalo ziyakufakwa emasongweni, izinti zibe sezinhlangothini zombili ze-altare, nxa lithwalwa. 8Ulenze ngamapulangwe, libe yigobongo, ulenze njengalokho waboniswa entabeni.
Igceke letabernakele*
9 “Wolenza igceke letabernakele;* ngaseningizimu ohlangothini olungaseningizimu makube khona izilenge zegceke zelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu ohlangothini lunye; 10izinsika zalo zibe ngamashumi amabili, nezinyawo zazo zibe ngamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zibe yisiliva. 11Nasohlangothini olungasenyakatho ebudeni makube khona izilenge, ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu, nezinsika zazo zibe ngamashumi amabili, nezinyawo zazo zibe ngamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zibe yisiliva.
12“Ohlangothini olungasentshonalanga ebubanzini begceke makube khona izilenge, ububanzi bazo bube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, izinsika zazo zibe yishumi, nezinyawo zazo zibe yishumi. 13Ububanzi begceke ngasempumalanga ohlangothini olungasempumalanga bube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu. 14Izilenge kolunye uhlangothi mazibe yizingalo eziyishumi nanhlanu, izinsika zazo zibe zintathu, nezinyawo zazo zibe zintathu. 15Nakolunye uhlangothi makube yizilenge eziyizingalo eziyishumi nanhlanu, izinsika zazo zibe zintathu, nezinyawo zazo zibe zintathu.
16“Koba khona iveli lesango legceke, libe yizingalo ezingamashumi amabili, ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, umsebenzi womfekethisi, izinsika zabo zibe zine, nezinyawo zazo zibe zine. 17Izinsika zonke zegceke zonamekwa ngesiliva, izingwegwe zazo zibe yisiliva, izinyawo zazo zibe yithusi. 18Ubude begceke boba yizingalo eziyikhulu, ububanzi bube ngezamashumi ayisihlanu njalo, ukuphakama kube yizingalo eziyisihlanu, bube yilineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, izinyawo zibe yithusi. 19Izimpahla zonke zetabernakele enkonzweni yalo yonke nezikhonkwane zalo zonke nezikhonkwane zegceke azibe ngezethusi.
20 “Wobayala abantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo agxotshelwe ukukhanyisa ukuba izibani zivuthe njalonjalo. 21Etendeni lokuhlangana ngaphandle kwesihenqo esiphambi kobufakazi u-Aroni namadodana akhe bayakuziphatha kwasekuhlweni kuze kuse phambi kukaJehova; kuyakuba yisimiso sabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade ezizukulwaneni zabo.

Currently Selected:

U-Eksodusi 27: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy