“Wobayala abantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo agxotshelwe ukukhanyisa ukuba izibani zivuthe njalonjalo. Etendeni lokuhlangana ngaphandle kwesihenqo esiphambi kobufakazi u-Aroni namadodana akhe bayakuziphatha kwasekuhlweni kuze kuse phambi kukaJehova; kuyakuba yisimiso sabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade ezizukulwaneni zabo.