Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu. Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane; ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini. Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime. Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga, izinyawo zigqokisiwe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli lokuthula; kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi, namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu, ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke
Read Kwabase-Efesu 6
Share
Compare All Versions: Kwabase-Efesu 6:10-18
Save verses, read offline, watch teaching clips, and more!
YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy
Home
Bible
Plans
Videos