1
UJoshuwa 6:2
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
ZUL59
UJehova wathi kuJoshuwa: “Bheka, nginikele esandleni sakho iJeriko, nenkosi yalo, namaqhawe anamandla.
Compare
Explore UJoshuwa 6:2
2
UJoshuwa 6:5
Kuyakuthi lapho bekhalisa kade uphondo lwejubili* nalapho nilizwa izwi lecilongo, bonke abantu bakhamuluke ngokukhamuluka okukhulu, ugange lomuzi luwele phansi endaweni yalo, abantu bakhuphuke, yilowo nalowo aqonde phambili nje.”
Explore UJoshuwa 6:5
3
UJoshuwa 6:3
Niyakuhaqa umuzi, onke amadoda empi, niwuzungeze umuzi kanye. Uyakwenze njalo izinsuku eziyisithupha.
Explore UJoshuwa 6:3
4
UJoshuwa 6:4
Abapristi abayisikhombisa bayakuthwala amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi komphongolo; ngosuku lwesikhombisa niyakuwuzungeza umuzi kasikhombisa, abapristi babethe amacilongo.
Explore UJoshuwa 6:4
5
UJoshuwa 6:1
IJeriko lalivalile amasango alo ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli; kwakungaphumi muntu, kungangeni muntu.
Explore UJoshuwa 6:1
6
UJoshuwa 6:16
Kwathi ngokwesikhombisa abapristi sebebethile amacilongo, uJoshuwa wathi kubantu: “Khamulukani, ngokuba uJehova uninikile umuzi.
Explore UJoshuwa 6:16
7
UJoshuwa 6:17
Umuzi uyakwahlukaniselwa uJehova, wona nakho konke okukuwo; uRahabi isifebe kuphela uyakusinda, yena nabo bonke abakuye endlini, ngokuba wazithukusa izithunywa esazithumayo.
Explore UJoshuwa 6:17
Home
Bible
Plans
Videos