Ubuhlakani Obujulile: Uhambo lwezinsuku eziwu-7 ZobabaIsampula

Radical Wisdom: A 7-Day Journey For Fathers

USUKU 7 KWEZINGU- 7

Liyoba yini ifa lesizukulwane sakho esilandelayo?

“Okulandelwa ubaba ngamandla, kuyolandelwa izingane zakhe lapha nalapha. Okulandelwa ubaba lapha nalapha, izingane zakhe ziyokushaya indiva . . . futhi ngeke iyibone imiphumela uze ubone ukuthi abazukulu bakho benzenjani!”

Ngenkathi ngiqala ukuzwa lokhu kushiwo isikhulumi, ngathukha. Kukwazi ukuba iqiniso, hhayi njalo. Kodwa ke wase esebenzisa imizekelo eseBhayibhelini.

U-Abrahamu. Wazinikela. Walalela. Wasungula igama elithi ukukholwa. I-Isaka indodana yakhe? Impela indoda emesabayo uNkulunkulu, kodwa waphambana nomyalelo kaNkulunkulu waya eGibhithe. Kwaba nesikhathi futhe ethi umkakhe ungidadewabo, isono esenziwa nawubaba wakhe eminyakeni eyadlula.

Okushiwo isikhulumi kuyiqiniso uma ubuka abantwana babantwana babo?

Abantwana baka Isaka, uJakobe no Esewu babemsaba uNkulunkulu. Kodwa uthini ngamanga kaJakobe ukuze athole ubuzibulo? NoEsewu neqholo lokubudayisa ngabo ngenxa yesobho?

Iphuzu wukuthi thina bobaba kumele simfune uNkulunkulu ngamandla, hhayi kancane. Abantwana bethu bayanquma bengazi ukuthi kubaluleke kangakanani ukukholwa kwabo kubona bngokubuka ukuthi kubaluleke kangakanani ukukholwa kwethukithina.

Ungathathi amashansi. Ngena uphelele. Yenza isinqumo ukuthi uphumele eshashalazini, uzinikele, ungashiyi lutho, uthandaze, ukhiphe okweshumi, uthande, ube umlandeli ogcwele umusa kaJesu.

Ungakwazi ukwazi, kusukela kulolusuku, ukuthi ube umlandeli kaNkulunkulu onentshisekelo. Ungavumeli ukuthi kube khona okubiza ngontukuntuku futhi.

MAwenaenjalo mhlawumbe abazukulu bakho bayoba nethuba!

Umbuzo: Abantwana bakho bangakuchaza njengomuntu onentshisekelo othnweni lwakho lukaJesu?

Loluhlelo ingabe lwenze ukuba ubenentsisekelo njengobaba?

Funda okuningi ngokugcwele Ukukholwa okujulile uhlelo.

Mayelana naloluHlelo

Radical Wisdom: A 7-Day Journey For Fathers

Kuyamangaza ukuthi obaba bethu banomthelela kangakanani kithi. Akekho ongabalekela amandla nesigqi sikababa emhlabeni. Futhi njengoba abantu besilisa bezizwa bengalungele ukuba obaba, kumele bafune umhlahlandlela - eZwini nakwabanye obaba. Ubuhlakani Obujulile buwuhambo oluya enhlakaniphweni nolwazi kobaba, buhlanganisa imigomo nobuhlakani obuseZwini kanye nesipiliyoni sobaba omdala, ohlakaniphile nofundile emaphutheni akhe.

More

Sithanda ukubonga i Radical Mentoring ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://radicalwisdombook.com