Ubuhlakani Obujulile: Uhambo lwezinsuku eziwu-7 ZobabaIsampula

Radical Wisdom: A 7-Day Journey For Fathers

USUKU 3 KWEZINGU- 7

Izimvu ezingenaMelusi

Abantwana banjengezimvu. Basendleleni yokuziphatha, kodwa njengamanje, babuswa ubusha namandla—futhi basengozini ngokuthi abanasipiliyoni.

Njengezimvu, badinga umelusi. . . ozobanakekela. Badinga ubaba. Ubaba weqiniso. Okubuhlungu ukuthi, ngazi abantwana abaningi abakhula ngaphandle kukamelusi.

Ngethemba ukuthi ungomunye wobaba abathatha umsebenzi wabo wokubaumelusi ngeqholo. Ubaba ongumelusi wenzani?

  1. Uyanakekela - Njengoba abelusi bazi ukuthi izumvu zabo zikuphi, obaba bayazi ukuthi abantwana babo bakuphi. . . ngokwenyama, kwezobudlelwano, nasemoyeni.
  2. Uyelusa - Umelusi ugcina izimvu zakhe zindawonye. Obaba banesibopho esifanayo, futhi siqala ngokuhlala nonkosikazi. Awukwazi ukugcina izimvu ezincane ndawonye uma uyekelela lezizimvu ezimbili ezinkulu zihlukana.
  3. Uyondla - Abelusi bangabondli bokuqala bezimvu zabo. Obaba kudinga bakwenze lokku kubantwana babo. Akumele kube nobaba ongenzi lutho . . . ikhakhulukazi uma engumKhristu. Ngaphezu kokondla ngokwenyama, obaba kumele bondle uthando olungenamkhawulo, olungenasici ebantwaneni babo, kanye nokubondla ngokomphefumulo.
  4. Uyalonda - Abelusi benza konke okudingekayo ukususa nomangabe yini engalimaza izimvu zabo noba ebaholela ophathe. Obaba balonda abantwana babo ezintweni zonke ezingabalimaza futhi ababalimazi ngolaka, ngokungabacabangeli nokubashiya.

Obaba abaningi bangashiya izimvu zabo ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ukuhamba bathole eyodwa elahlekile. Unganakekele, weluse, wondle futhi ubalonde?

Umbuzo: Uyanaka ngendlela yokuthi ubone uma enye yezimvu zakho ilahleka?

Mayelana naloluHlelo

Radical Wisdom: A 7-Day Journey For Fathers

Kuyamangaza ukuthi obaba bethu banomthelela kangakanani kithi. Akekho ongabalekela amandla nesigqi sikababa emhlabeni. Futhi njengoba abantu besilisa bezizwa bengalungele ukuba obaba, kumele bafune umhlahlandlela - eZwini nakwabanye obaba. Ubuhlakani Obujulile buwuhambo oluya enhlakaniphweni nolwazi kobaba, buhlanganisa imigomo nobuhlakani obuseZwini kanye nesipiliyoni sobaba omdala, ohlakaniphile nofundile emaphutheni akhe.

More

Sithanda ukubonga i Radical Mentoring ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://radicalwisdombook.com