Ubuhlakani Obujulile: Uhambo lwezinsuku eziwu-7 ZobabaIsampula

Ukuchichima nokweswela
Ukuba ngumzali kunzima. Omunye wemisebenzi enzima ekhona. Ayikho incwadi, alukho uhlelo olubhaliwe, futhi uNkulunkulu wenze ukuthi zonke izingane zehluke. Emva kwesikhathi, uthatha noma ngabe yisiphi isifundo esizwakalayo; usizame, ubone ukuthi siyasebenza, bese sibe esakho.
Ngakhoke ngizophakamisa ukuthi udale ikhaya esiphuphumayo ukwenzela abantwana bakho.
Abantwana badinga futhi bafuna uthando. Njengakho konke emhlabeni, uma luluncane olukhona, luba nenani elikhulu futhi ludala izingxabano. Uma luluningi, akubi nazinkinga.
Thatha amafutha nosawoti njengomzekelo. Zonke izizwe zidinga uphethilomu, sngakhoke kunomncintiswano ngawo. Amanani aphezulu nezithembiso zibaphezulu kakhulu. Siyaxabana, sikhulume abantu abafuna ukukuzwa, sifumbathisane, sidayise imimoya yethu ngenxa yamafutha.
Kwenye ingxenye, usawoti uyadingeka empilweni yomuntu, kodwa muningi. Inani likasawoti lingamasenti ambalwa. Muningi.
Uma obaba behluleka ukuxhumana nabantwana babo, uma uhlala umatasatasa abantwana bazizwa benganakiwe, uma ubukhona bukababa bubuncane futhi engasenzi okwempela isikhathi sokuhlala nabo, isimo sokuntula leso.
Kodwa uma obaba behlinzeka ngobuningi bothando, uma kukhona kunobuningi bobukhona bukababa, kuzoba nokuncintisana okuncane, nokuthula okuningi ekhaya. Ubaba kumele abekhona ngokwenyama nangokomoya.
Ikhaya elinokuchichima alizenzekeli, futhi akulula ukulenza.
Kodwa linomvuzo.
Umbuzo: Ikhaya lakho linokuchichima noma linokweswela emoyeni? Abantwana bayaphumelea uma bephuma emakhaya achichimayo ngokomoya nasothandweni. Bayazabalaza emakhaya aswele ngokomoya.
Mayelana naloluHlelo

Kuyamangaza ukuthi obaba bethu banomthelela kangakanani kithi. Akekho ongabalekela amandla nesigqi sikababa emhlabeni. Futhi njengoba abantu besilisa bezizwa bengalungele ukuba obaba, kumele bafune umhlahlandlela - eZwini nakwabanye obaba. Ubuhlakani Obujulile buwuhambo oluya enhlakaniphweni nolwazi kobaba, buhlanganisa imigomo nobuhlakani obuseZwini kanye nesipiliyoni sobaba omdala, ohlakaniphile nofundile emaphutheni akhe.
More