Ubuhlakani Obujulile: Uhambo lwezinsuku eziwu-7 ZobabaIsampula

Radical Wisdom: A 7-Day Journey For Fathers

USUKU 2 KWEZINGU- 7

Ubaba onokuzisola okuncane

Kuke kwaba nesikhathi emabhizinisini lapho “ukucabanga kahle” bokwenza izinqumo kwakubusa. Sadala ama-formula safuna ukuya phezulu empumelelweni ngaphandle kokufeyila nakancane. Sakhetha lezozitho esasithi, uma senza zona, sizophumelela izikhathi eziningi.

Njengobaba, asifuni ukubanjalo kubantwana bethu. Nomangabe senzani, angeke sai ngokuqinisekile ukuthi bazoba abahle, abamlandelayo uJesu. Kodwa singenza izinqumo ezingenza ukuthi singazisoli kakhulu! Singakhetha ukungenzi izinto esizozisola ngazo esikhathini esizayo.

Abantu besilisa abaningi baphila nezibazi zobaba babo abangakwazanga ukulawula ulimi nentukuthelo yabo. Bobaba, ningabathukuthelisi abantwana benu; kodwa, nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.” Okuncane okudingekayo kumele sithule. Silawule ukugcona nentukuthelo yethu. Siye singaboni ama sikwenza . . . kodwa uma sekwenzekile.

Sasifuna ukuzwa amagama okudumisa nokuqiniswa okuvela kobaba bethu, kodwa baningi bethu abawatholanga. Kuyamangaza ukuthi ukuphakama kusikhubaza kangakanani. Sigibela izimoto, izithuthuthu, namathoyizi anamasondo, kodwa asifuni ukuya ngale kokwesaba ukuthi amadodana namadodakazi ethu angahle asibone silula uma siwatshela ukuthi abaluleke kangakanani futhi siwathanda kangakanani.

Uphelele ebantwaneni bakho? Ukuba ubaba kwakho ukwenza ngenhloso yokungabi nakuzisola ekugcineni?

Umbuzo: Ungamcela uNkulunkulu ukuthi akukhombise ukuthi yini ongazisola ngayo manje ekubeni ubaba kwakho eminyakeni emibalwa kusuka manje? Mcele ke akusize ubhekane nayo.

Mayelana naloluHlelo

Radical Wisdom: A 7-Day Journey For Fathers

Kuyamangaza ukuthi obaba bethu banomthelela kangakanani kithi. Akekho ongabalekela amandla nesigqi sikababa emhlabeni. Futhi njengoba abantu besilisa bezizwa bengalungele ukuba obaba, kumele bafune umhlahlandlela - eZwini nakwabanye obaba. Ubuhlakani Obujulile buwuhambo oluya enhlakaniphweni nolwazi kobaba, buhlanganisa imigomo nobuhlakani obuseZwini kanye nesipiliyoni sobaba omdala, ohlakaniphile nofundile emaphutheni akhe.

More

Sithanda ukubonga i Radical Mentoring ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://radicalwisdombook.com