NgokukaMathewu 21:1, 2, 3, 4, 5, 6, 7, 8, 9, 10, 11
NgokukaMathewu 21:1 ZUL59
Kwathi ukuba basondele eJerusalema, sebefikile eBetfage ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wathuma abafundi ababili
NgokukaMathewu 21:2 ZUL59
wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani, nizakufumana masinyane imbongolo ikhulekiwe nethole linayo; zithukululeni, nizilethe kimi.
NgokukaMathewu 21:3 ZUL59
Uma umuntu esho utho kini, anothi: ‘INkosi iyazidinga;’ uyakuzithumela masinyane.”
NgokukaMathewu 21:4 ZUL59
Kepha lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwashiwo ngumprofethi othi
NgokukaMathewu 21:5 ZUL59
“Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele embongolweni, yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.”
NgokukaMathewu 21:7 ZUL59
baletha imbongolo nethole, babeka izingubo zabo phezu kwazo, wahlala phezu kwazo.
NgokukaMathewu 21:8 ZUL59
Iningi lesixuku lendlala izingubo zalo endleleni, kepha abanye bagawula amahlamvu emithini, bawendlala endleleni.
NgokukaMathewu 21:9 ZUL59
Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Hosiyana kweliphezulu!”
NgokukaMathewu 21:10 ZUL59
Kwathi esangena eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, wathi: “Ngubani lo?”
NgokukaMathewu 21:11 ZUL59
Izixuku zathi: “Lo ungumprofethi, uJesu waseNazaretha laseGalile.”