KwabaseGalathiya 6:6-9
KwabaseGalathiya 6:6-9 ZULUNT
Ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo ofundisayo ezintweni zonke ezinhle. Ningakhohliswa; UNkulunkulu akahlekwa, ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu uyakuvuna kona futhi. Ngokuba ohlwanyelela enyameni yakhe uyakuvuna ukonakala enyameni; kodwa ohlwanyelela kuMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya. Masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.