YouVersion Logo
Search Icon

IsiHlabelelo seziHlabelelo 2

2
Umakoti:
1Ngiyintebe yaseSharoni,
nomnduze wezigodi.
Umnyeni:
2Njengomnduze phakathi kwameva,
sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintombi.
3Njengomapula* phakathi kwemithi yasehlathini,
unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana.
Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu,
nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.
4Ungingenisile endlini yewayini,
nebhanela* lakhe phezu kwami liluthando.
5 Ngiphaseni ngezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo,
ngihlumelele ngama-apula,*
ngokuba ngiyafa uthando.
6 Isandla sakhe sokhohlo siphansi kwekhanda lami,
nesokunene siyangigona.
7 Ngiyanifungisa,
madodakazi aseJerusalema,
ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle
ukuba ningalunyakazisi,
ningaluvusi uthando,
lungakavumi.
Isihlabelelo sothando somakoti
8Nanto izwi lothandiweyo wami!
Bheka, uyeza eqa ezintabeni,
etshekula emagqumeni.
9Othandiweyo wami unjengensephe
noma njengesixhumu sendluzele;
bheka, umi emva kodonga lwakwethu;
uyalunguza emafasiteleni,
ubonakala ngaseheleni.
10Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi:
“Vuka, sithandwa sami,
muhlekazi wami; woza sihambe,
11ngokuba bheka, ubusika budlulile;
imvula isiphelile, yamuka;
12izimbali ziyabonakala emhlabeni,
nesikhathi sokuthena imivini sesisondele,
nezwi lehobhe liyezwakala ezweni lakithi.
13Umkhiwane uthela amakhiwane awo aluhlaza,
imivini inezimbali,
ithaphuka iphunga layo;
vuka, sithandwa sami,
muhlekazi wami; woza sihambe.”
Umnyeni:
14 Juba lami elisemifantwini yamadwala
nasekusithekeni kweziwa,
mangibone ubuso bakho,
ngizwe izwi lakho,
ngokuba izwi lakho limnandi,
nobuso bakho buhle.
15Sibambeleni izimpungushe,
izimpungushe ezincane
ezichitha izivini,
ngokuba izivini zethu zinezimbali.
Umakoti:
16 Othandiweyo wami ungowami,
mina ngingowakhe;
uyalusa phakathi kweminduze.
17 Kuze kuphole ilanga,
namathunzi abaleke,
mawube njengensephe,
wena othandiweyo wami,
nanjengesixhumu sendluzele
ezintabeni eziqhekezekileyo.

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy