YouVersion Logo
Search Icon

KwabaseRoma 15

15
Abanamandla mabasize ababuthakathaka
1 Kepha thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka babangenamandla singazithokozisi thina. 2 Yilowo nalowo kithi makathokozise umakhelwane, kube kuhle, aze akheke, 3 ngokuba noKristu akazithokozisanga yena, kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuthuka kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami.”
4 Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba.
5 Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe nokuqonda kunye phakathi kwenu ngokukaKristu Jesu, 6 ukuze nganhliziyonye nidumise ngamlomo munye uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu.
Bonke mabaphathane ngomoya kaKristu
7 Ngalokho yamukelanani, njengalokho noKristu wasamukela, ukuze kudunyiswe uNkulunkulu. 8 Ngokuba ngithi uKristu waba yisikhonzi sabasokileyo ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso ezaphiwa okhokho, 9 abezizwe bamdumise uNkulunkulu ngenxa yesihawu sakhe, njengalokho kulotshiwe ukuthi:
“Ngalokho ngiyakukudumisa phakathi kwabezizwe,
ngihubele igama lakho;”
10 abuye athi:
“Jabulani nina bezizwe kanye nesizwe sakhe,”
11 nokuthi:
“Dumisani iNkosi nina nonke bezizwe,
niyibabaze, nina bantu bonke.”
12 Futhi u-Isaya uthi:
“Kuyakuba khona impande kaJesayi,
yena oyakuvuka abuse abezizwe;
abezizwe bayakwethembela kuye.”
13UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.
UPawulu uchaza umsebenzi wakhe
14 Kepha nami ngokwami nganelisiwe ngani bazalwane bami ukuthi nanigcwele ukuva, nigcwalisiwe ngokwazi konke, ninamandla futhi okuyalana. 15 Kepha nginilobele kokunye ngesibindi njengonikhumbuzayo futhi ngenxa yomusa engiwuphiwe nguNkulunkulu 16 wokuba ngibe yisikhonzi sikaKristu Jesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu njengompristi, ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukeleka kahle, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.
17 Ngalokho nginokuzibonga kuKristu Jesu maqondana nokukaNkulunkulu, 18 ngokuba angiyikuba nasibindi sokukhuluma lutho ngaphandle kwezinto uKristu azisebenza ngami, kube ngukulalela kwabezizwe, ngezwi nangesenzo, 19 ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya oNgcwele, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza ngaze ngafika e-Iliriku, ngishumayela ivangeli likaKristu ngokupheleleyo. 20 Kanjalo ngangihlose ukushumayela ivangeli kungabi lapho uKristu waziwa khona, ukuze ngingakhi phezu kwesisekelo somunye, 21 kodwa njengalokho kulotshiwe ukuthi:
“Abangabikelwanga ngaye bayakubona,
nabangezwanga bayakuqonda.”
UPawulu ukhuluma ngokuya eRoma
22 Ngenxa yalokho ngathiyeka kaningi ukuza kini; 23 kepha manje, lokhu ngingasenandawo kulawa mazwe, futhi sekuyiminyaka eminingi ngilangazelela ukuza kini, 24 ngiyakuza nxa ngiya eSpaniya; ngokuba ngiyethemba ukuthi ekudluleni kwami ngizakunibona, ngikhashwe yinina, nxa ngiya khona, uma sengike nganeliswa yinina; 25 kepha manje ngisaya eJerusalema ngiyokhonza abangcwele. 26 Ngokuba kwaba kuhle kwabaseMakedoniya nabase-Akhaya ukwenzela abampofu kwabangcwele baseJerusalema umnikelo othile. 27 Kwaba kuhle, ngokuba nembala banecala kubo; ngokuba uma abezizwe behlanganyela nabo ezintweni zabo zokomoya, banecala futhi lokubakhonza ngezokwenyama. 28Ngakho nxa sengikufezile lokho, ngabeka leso sithelo esandleni sabo, ngizakuhamba, ngidlule ngakini, ngiye eSpaniya; 29 kepha ngiyazi ukuthi nxa ngifika kini, ngizakuza nokugcwala kwesibusiso sikaKristu.
30 Ngiyanincenga, bazalwane, ngenxa yeNkosi yethu uJesu Kristu nangenxa yothando lukaMoya ukuba nilwe kanye nami ekungikhulekeleni kuNkulunkulu, 31 ukuze ngihlanguliswe kwabangakholwayo baseJudiya nokuba lokho engikhonza ngakho eJerusalema kwamukeleke kahle kwabangcwele, 32ukuba ngize kini ngokuthokoza, ngentando kaNkulunkulu, ngiphumule kanye nani. 33 UNkulunkulu wokuthula makabe nani nonke. Amen.

Currently Selected:

KwabaseRoma 15: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy