YouVersion Logo
Search Icon

KwabaseRoma 14

14
Indlela yokuphatha ababuthakathaka ekukholweni
1 Kepha obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kungabi ngokwahlulela ngezizindlo. 2 Omunye ukholwa ukuthi angadla konke, kepha obuthakathaka udla imifino. 3 Odlayo angamdeleli ongadliyo, ongadliyo angamahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele. 4 Ungubani wena owahlulela inceku yomunye na? Kusenkosini yayo ukuma noma ukuwa kwayo; kepha iyakumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa.
5 Omunye wazisa olunye usuku kunolunye, omunye wazisa izinsuku zonke; yilowo nalowo akaqiniseke enhliziyweni yakhe. 6 Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi; nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, ubonga uNkulunkulu. 7 Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho nozifela yena; 8 ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi; uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi.
9 Ngokuba ngenxa yalokho uKristu wafa, wabuye waphila ukuba abe yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo. 10 Kepha wena umahlulelelani umzalwane wakho na? Futhi umdelelelani umzalwane wakho na? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu. 11 Ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“ ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi,
‘kimina ayakuguqa amadolo onke,
nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ”
12 Ngalokho-ke yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu.
13 Ngakho masingabe sisahlulelana; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso. 14 Ngiyazi, nganelisiwe eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho oluyichilo ngokwalo; kepha kuye othi lubi, kuyena lubi. 15 Ngokuba uma umzalwane wakho edabukiswa ngenxa yokudla, awusahambi ngothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho lowo amfelayo uKristu. 16 Ngalokho okuhle kwenu makungahlanjalazwa. 17 Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza kepha ungukulunga, nokuthula, nokuthokoza eMoyeni oNgcwele, 18ngokuba okhonza uKristu kulokhu uthandekile kuNkulunkulu, ukholekile kubantu.
19 Ngalokho-ke asijonge okokuthula nokokwakhana. 20Ungawuchithi umsebenzi kaNkulunkulu ngenxa yokudla. Konke kuhlanzekile, kepha kubi kulowo muntu okudla ekhubeka. 21 Kuhle ukungayidli inyama nokungaliphuzi iwayini noma okunye umzalwane wakho aqhuzuka ngakho.
22Ukukholwa onakho, yiba nakho ngokwakho phambi kukaNkulunkulu. Ubusisiwe ongazahluleli ngalokho akukhethayo; 23kepha ongabazayo, nxa edla, ulahliwe, ngokuba kungengokukholwa; konke okungaveli ekukholweni kuyisono.

Currently Selected:

KwabaseRoma 14: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy