YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 89

89
Umkhuleko wocela ukusizwa
IMaskili* lika-Ethani umEzra.
1Ngiyakuhlabelela ngomusa kaJehova kuze kube phakade,
ngomlomo wami ngazise izizukulwane
ngezizukulwane ukuthembeka kwakho.
2Ngokuba ngithe: “Umusa uyakwakhiwa kuze kube phakade;
ezulwini uyaqinisa ukuthembeka kwakho.”
3Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami,
ngifungile kuye uDavide inceku yami ukuthi:
4 “Ngiyakuqinisa inzalo yakho kuze kube phakade,
ngisakhe isihlalo sobukhosi ezizukulwaneni ngezizukulwane.” Sela*
5 Izimangaliso zakho, Jehova, ziyadunyiswa ngamazulu,
ukuthembeka kwakho ebandleni labangcwele.
6Ngokuba ngubani osemafwini ongalinganiswa noJehova na?
Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noJehova na?
7UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emhlanganweni wabangcwele;
umelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye.
8Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe na?
Unamandla, Jehova,
nokuthembeka kwakho kuyakuhaqa.
9 Wena uyabusa ukukhukhumala kolwandle;
uma kuphakama amadlambi alo, uyawathulisa.
10 Wena uchobozile uRahabi njengobuleweyo;
uhlakazile izitha zakho ngengalo yakho enamandla.
11Ngelakho izulu, ngowakho umhlaba;
izwe nokugcwala kwalo,
kukho konke ubeke isisekelo.
12Inyakatho neningizimu wakudala wena;
iThabori neHermoni kuyajabula egameni lakho.
13Ingalo yakho inobuqhawe,
isandla sakho sinamandla,
esokunene sakho siphakeme.
14Ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi;
umusa neqiniso kuyahamba phambi kobuso bakho.
15 Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo;
siyahamba, Jehova,
ekukhanyeni kobuso bakho.
16Egameni lakho siyathokoza usuku lonke;
ngokulunga kwakho siyaphakanyiswa.
17Ngokuba wena uyinkazimulo yamandla abo;
ngomusa wakho uphondo lwethu luyaphakama.
18Ngokuba isihlangu sethu singesikaJehova;
inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli.
19 Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho, wathi:
“Ngibekile usizo eqhaweni,
ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu.
20 Ngifumene inceku yami uDavide,
ngimgcobile ngamafutha ami angcwele.
21Isandla sami siyakuba naye siqinile,
ingalo yami iyakumqinisa.
22Isitha asiyikumahlula,
nendodana yobubi ayiyikumhlupha.
23Ngiyakuchoboza izitha zakhe ebusweni bakhe,
ngihluphe abamzondayo.
24Ukuthembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye;
egameni lami luyakuphakama uphondo lwakhe.
25Ngiyakubeka isandla sakhe phezu kolwandle,
esokunene sakhe phezu kwemifula.
26 Uyakungibiza ngokuthi: ‘UnguBaba,
unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.’
27Ngiyakumenza abe yizibulo nophakamileyo
kunamakhosi omhlaba.
28Ngiyakumgcinela umusa wami kuze kube phakade;
isivumelwano sami soba siqinile kuye.
29Ngiyakwenza inzalo yakhe ime kuze kube phakade,
isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengezinsuku zezulu.
30“Uma abantwana bakhe beshiya umthetho wami
bengahambi ngezahlulelo zami,
31uma bephula izimiso zami
bengagcini imiyalo yami,
32ngiyakuhambela izono zabo ngenduku,
namacala abo ngemivimbo.
33Kepha umusa wami angiyikuwususa kuye,
ngingaphikisi ukuthembeka kwami.
34 Angiyikwaphula isivumelwano sami,
nokuphumileyo ezindebeni zami angiyikukuguqula.
35Ngafunga kanye ubungcwele bami,
angiyikuqamba amanga kuDavide.
36 Inzalo yakhe iyakuma phakade,
isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami.
37 Iyakuma phakade njengenyanga
nanjengofakazi othembekileyo osemafwini.” Sela*
38Kepha usumlahlile, wamala,
wamthukuthelela ogcotshiweyo wakho.
39Uchithile isivumelwano senceku yakho,
wadumaza umqhele wayo, wawuphonsa emhlabathini.
40 Udilizile zonke izindonga zakhe,
wazenza izinqaba zakhe zaba yincithakalo.
41 Bonke abadlula ngendlela bayamphanga;
waba yihlazo kwabakhelene naye.
42Uphakamisile esokunene sabamelene naye,
wajabulisa zonke izitha zakhe.
43Futhi ubuyisele emuva usiko lwenkemba yakhe,
awumvumelanga ukuma ekulweni.
44Ususile inkazimulo yakhe,
wawisa phansi emhlabathini isihlalo sakhe sobukhosi.
45Ufinyezile izinsuku zobusha bakhe,
wamthela ngamahloni. Sela*
46 Koze kube nini uyakuzisitha, Jehova,
nentukuthelo yakho ivutha njengomlilo, na?
47 Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani
nokuthi wadalela ize bonke abantwana babantu.
48Ngubani oyakuphila engayikubona ukufa,
akhulule umphefumulo wakhe emandleni endawo yabafileyo, na? Sela*
49Nkosi, uphi umusa wakho wakuqala
owawufungela kuDavide ngokuthembeka kwakho na?
50Khumbula, Nkosi, ihlazo lezinceku zakho
nokuthi ngithwele esifubeni sami ihlazo lezizwe eziningi kakhulu,
51ezisola ngalo izitha zakho, Jehova,
ezisola ngalo ukuhamba kogcotshiweyo wakho.
52Makabongwe uJehova kuze kube phakade.
Amen, Amen.

Currently Selected:

AmaHubo 89: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy