YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 78

78
Isifundiso esivela endabeni yasendulo kwa-Israyeli
IMaskili* lika-Asafa.
1Zwanini, bantu bami, umthetho wami,
nibeke izindlebe zenu emazwini omlomo wami.
2 Ngizakuvula umlomo wami ngomfanekiso,
ngibonakalise izimfihlakalo zasendulo.
3 Esikuzwileyo sakwazi,
nawobaba abasitshela khona,
4asinakukufihla kubantwana babo,
izindumiso zikaJehova zisitshele kuso isizukulwane esizayo,
namandla akhe nezimangaliso zakhe azenzileyo.
5 Ngokuba wamisa ubufakazi kwaJakobe,
wabeka umthetho kwa-Israyeli,
ayala ngawo obaba
ukuba bafundise abantwana babo,
6ukuze isizukulwane esilandelayo sazi,
abantwana abayakuzalwa,
bavuke, batshele abantwana babo,
7babeke ithemba labo kuNkulunkulu,
bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu,
kepha bagcine imiyalo yakhe.
8 Bangabi njengawoyise,
isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo,
isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso,
nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.
9Abantu bakwa-Efrayimi,
sebehlomile bephethe iminsalo,
babuyela emuva ngosuku lokulwa.
10 Abasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu,
benqaba ukuhamba emthethweni wakhe,
11bakhohlwa imisebenzi yakhe
nezimangaliso zakhe abebabonisile zona.
12 Wazenza izimangaliso emehlweni awoyise
ezweni laseGibithe endaweni yaseSowani.
13Wahlukanisa ulwandle, wabawelisa;
wamisa amanzi njengodonga.
14 Wabahola ngefu emini,
nobusuku bonke ngokukhanya komlilo.
15 Waqhekeza amadwala ehlane,
wabaphuzisa njengasotweni olujulileyo.
16Waphumisa edwaleni izifufula,
wehlisa amanzi njengemifula.
17Nokho baqhubeka benza ukona kuye,
baphambana noPhezukonke ehlane.
18 Bamlinga uNkulunkulu enhliziyweni yabo
ngokucela ukudla abakufisayo.
19Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu, bathi:
“UNkulunkulu angalungisa isithebe ehlane na?
20Bhekani, washaya idwala,
kwaphuma amanzi,
nemifula yampompoza;
kepha angabanika nesinkwa,
alungisele abantu bakhe inyama, na?”
21 Ngalokho uJehova ekuzwa lokho
wathukuthela, kwavutha umlilo ngoJakobe,
ulaka lwavuka ngo-Israyeli;
22ngokuba abakholwanga nguNkulunkulu,
abathembanga ensindisweni yakhe.
23Nokho wayala amafu phezulu,
wavula iminyango yezulu,
24 wanisa phezu kwabo imana* kube ngukudla,
wabapha amabele ezulu;
25abantu badla isinkwa sezingelosi,
bathunyelwa ukudla ngokugcweleyo.
26 Waphumisa umoya wasempumalanga ezulwini;
ngamandla akhe waqhuba umoya waseningizimu.
27Wawisa phezu kwabo inyama njengothuli,
nezinyoni ezinamaphiko njengesihlabathi solwandle.
28Wakwehlisa phakathi kwekamu* labo naphakathi kwezindlu zabo.
29Badla, basuthiswa kakhulu;
baphiwa abakufisayo.
30Bebengakahlukani nokufisa kwabo,
ukudla kwabo kusesemlonyeni wabo,
31intukuthelo kaNkulunkulu yabavukela,
wabulala abakhulupheleyo babo,
wawisa phansi izinsizwa zakwa-Israyeli.
32 Nokho bona njalo,
abakholwanga yizimangaliso zakhe.
33 Ngakho waqedela izinsuku zabo ezeni neminyaka yabo ovalweni.
34Lapho ebabulala, bamfuna;
babuye bamfunisisa uNkulunkulu.
35Base bekhumbula ukuthi uNkulunkulu uyidwala labo;
uNkulunkulu oPhezukonke ungumkhululi wabo.
36 Kepha bamthopha ngomlomo wabo,
baqamba amanga kuye ngolimi lwabo;
37ngokuba inhliziyo yabo yayingabambeleli kuye,
bengathembekile esivumelwaneni sakhe.
38 Kepha yena enesihawu wathethelela ububi babo,
akabhubhisanga;
yebo, wabamba kaningi intukuthelo yakhe,
akavusanga lonke ulaka lwakhe.
39 Wakhumbula ukuthi bayinyama,
bangumoya odlulayo ongabuyiyo.
40Kwaba kaningi kangakanani bephambana naye ehlane,
bemdabukisa kwahlongasibi.
41Babuye bamlinga uNkulunkulu,
bamdabukisa oNgcwele ka-Israyeli.
42Abakhumbulanga isandla sakhe
nosuku abahlenga ngalo ezitheni,
43lapho ezenza izibonakaliso zakhe eGibithe
nezimangaliso zakhe endaweni yaseSowani.
44 Waphendula lapho imifula yabo nemifudlana yabo yaba yigazi,
ukuze bangabi nakuphuza.
45 Wathumela phakathi kwabo izibawu ezabadlayo
namasele ababhubhisayo.
46 Wanika imiswenya ukudla kwabo,
nomsebenzi wabo isikhonyane.
47 Wabulala imivini yabo ngesichotho,
nemikhiwane yabo ngesangquma.
48Wanikela izinkomo zabo esichothweni
nezimvu zabo kuyo imibani.
49 Waphonsa kubo ukuvutha kwentukuthelo yakhe,
nolaka, nokufutheka, nokuhlupheka,
ngokuthuma izithunywa zobubi.
50Walungisela intukuthelo yakhe indlela;
akaphephisanga umphefumulo wabo ekufeni,
kepha wanikela ukuphila kwabo ezifweni.
51 Washaya amazibulo onke aseGibithe,
okokuqala kwamandla abo ematendeni kaHamu.
52 Kepha waphumisa abantu bakhe njengezimvu;
wabahola ehlane njengomhlambi.
53 Wabahola kahle, abaze besaba;
kepha ulwandle lwasibekela izitha zabo.
54 Wabayisa emnceleni wakhe ongcwele,
entabeni esasiyizuzile isandla sakhe sokunene.
55 Waxosha abezizwe phambi kwabo;
edabula izwe wababela ifa,
wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.
56 Nokho bamlinga, baphambana noNkulunkulu oPhezukonke,
abaze bagcina imiyalo yakhe.
57 Bahoshekela emuva,
bakhohlisa njengawoyise,
baphenduka njengomnsalo ogejayo.
58 Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo,
bamcunula ngezithombe zabo.
59UNkulunkulu ekuzwa lokho wathukuthela,
wamlahla impela u-Israyeli.
60 Walishiya itabernakele* laseShilo,
itende abelimisile phakathi kwabantu.
61Wanikela amandla akhe ekuthunjweni,
nenkazimulo yakhe esandleni sesitha.
62Wanikela abantu bakhe enkembeni,
wathukuthelela ifa lakhe.
63Izinsizwa zabo zadliwa ngumlilo;
izintombi zabo azihutshelwanga.
64Abapristi babo bawa ngenkemba;
abafelokazi babo abaze balila.
65Yayisivuka iNkosi njengokade elele,
njengesiqhwaga esikade sahlulwa yiwayini,
66yazishayela emuva izitha zayo,
yazithela ngehlazo eliphakade.
67Yalahla indlu kaJosefa,
ayikhethanga isizwe sakwa-Efrayimi.
68 Kepha yakhetha isizwe sakwaJuda,
intaba yaseSiyoni eyithandayo.
69Yayakha indlu yayo engcwele njengezintaba
nanjengomhlaba ewusekeleyo kuze kube phakade.
70 Yakhetha uDavide inceku yayo,
yamthabatha ezibayeni zezimvu.
71 Esalandele izimvukazi ezenyisayo,
yamthabatha ukuba abeluse abantu bayo uJakobe,
nefa layo u-Israyeli.
72Njalo wabelusa ngobuqotho benhliziyo yakhe,
wabahola ngenhlakanipho yesandla sakhe.

Currently Selected:

AmaHubo 78: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy