YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 61

61
Ukucelela inkosi isibusiso
Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. ElikaDavide.
1Yizwa, Nkulunkulu, ukukhala kwami,
ulalele umkhuleko wami.
2Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba,
lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni;
ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.
3 Ngokuba ubuyisiphephelo sami,
inqaba eqinileyo ngakuso isitha.
4 Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade;
ngiyakukhosela ekusithekeni kwamaphiko akho. Sela*
5Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami,
wabanika ifa abalesaba igama lakho.
6 Uyakweleka izinsuku ezinsukwini zenkosi;
iminyaka yayo iyakuba njengezizukulwane nezizukulwane.
7Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade;
yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze.
8Khona ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade,
ukuze ngigcwalise izithembiso zami imihla ngemihla.

Currently Selected:

AmaHubo 61: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy