YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 59

59
Umkhuleko wocela ukukhululwa ezitheni
Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu,* mhla uSawule ethumela, ethi mabayilinde indlu ukuba bambulale.
1Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami,
ngivikele kwabangivukelayo;
2ngikhulule kwabenza okubi,
ngisindise kubantu begazi.
3Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami;
iziqhwaga ziyangihlanganyela,
kungekho siphambeko,
kungekho sono kimi, Jehova.
4Ziyagijima, zizilungisele,
kungekho cala kimi;
vuka, ungihlangabeze, ubone.
5Wena kambe,
Jehova Nkulunkulu Sebawoti,
Nkulunkulu ka-Israyeli,
vuka uphindisele bonke abezizwe,
ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela*
6Bayabuya kusihlwa,
bahlaba umkhulungwane njengenja,
bezula emzini.
7 Bheka, bayampompa ngomlomo wabo,
kukhona izinkemba ezindebeni zabo,
ngokuba bathi:
“Ngubani ozwayo na?”
8 Kepha wena Jehova uyabahleka;
uyabaklolodela bonke abezizwe.
9Mandla ami, ngiyakulindela wena,
ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.
10UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe;
uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.
11 Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe;
zizulise ngamandla akho,
uzilahle phansi, Nkosi,
sihlangu sethu.
12Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo;
mazibanjwe ekuzidleni kwazo
nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.
13Ziqede ngokuthukuthela,
ziqede zingabe zisabakho;
mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe,
kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela*
14Ziyabuya kusihlwa;
zihlaba umkhulungwane njengenja, zizula emzini.
15 Zizulazulela ukudla;
uma zingasuthi, zihlala nasebusuku.
16Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho,
ngethabele umusa wakho ekuseni,
ngokuba uyinqaba yami,
nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.
17Mandla ami, ngizakuhubela wena;
ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami,
unguNkulunkulu wami womusa.

Currently Selected:

AmaHubo 59: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy