YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 51

51
Umkhuleko wowonileyo ebika isono, ecela umusa kuNkulunkulu
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide ekufikeni komprofethi uNathani kuye emva kokuya kwakhe kuBati Sheba.
1Ngihawukele, Nkulunkulu,
ngokomusa wakho;
yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.
2Ngigezisise ebubini bami,
ungihlanze esonweni sami.
3Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami;
isono sami siphambi kwami njalo.
4 Ngonile kuwe wena wedwa,
ngakwenza okubi emehlweni akho,
ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho,
uchache ekwahluleleni kwakho.
5 Bheka, ngazalelwa ebubini,
umame wangithabatha esonweni.
6Bheka, uthanda iqiniso
ngaphakathi enhliziyweni;
wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.
7 Ngihlanze ngehisopi,* ngihlambuluke;
ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.
8Ngizwise intokozo nenjabulo,
ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.
9Fihla ubuso bakho ezonweni zami,
wesule zonke izenzo zami ezimbi.
10 Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo,
uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.
11Ungangilahli ebusweni bakho,
ungangemuki uMoya wakho oNgcwele.
12 Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho,
ungiphase ngomoya ovumayo.
13Khona ngiyakufundisa abaphambukayo izindlela zakho;
nezoni ziyakuphendukela kuwe.
14 Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu,
Nkulunkulu wensindiso yami.
Khona ulimi lwami luyakuhubela ukulunga kwakho.
15Nkosi, vula izindebe zami,
ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.
16 Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo;
noma bengizakukunika uminikelo wokushiswa,
ubungayikuthokoza ngawo.
17 Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo;
inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo,
Nkulunkulu, awuyikuyidelela.
18Lenzele iSiyoni okuhle ngokomusa wakho,
uzakhe izingange zaseJerusalema.
19 Khona uyakuyijabulela iminikelo yokulunga eshiswayo neshiswa yonke;
khona bayakunikela ngezinkunzi phezu kwe-altare lakho.

Currently Selected:

AmaHubo 51: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy