YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 50

50
Ukukhonza uNkulunkulu ngeqiniso
Ihubo lika-Asafa.
1UNkulunkulu uMninimandla onke,
uJehova, uyakhuluma, ubiza umhlaba
kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo.
2 ESiyoni eliphelele ebuhleni
uNkulunkulu uqhamile ekukhanyeni.
3 UNkulunkulu wethu uyeza, akayikuthula;
umlilo udla phambi kwakhe;
uphahlwe yisivunguvungu esikhulu.
4 Ubiza izulu ngaphezulu
kanye nomhlaba ukuba ahlulele isizwe sakhe:
5“Buthelani kimi abangcwele bami
abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.”
6Izulu lishumayela ukulunga kwakhe,
ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela*
7“Yizwa, sizwe sami, ngiyakukhuluma;
Israyeli, ngizakufakaza kuwe ukuthi:
NginguNkulunkulu,
uNkulunkulu wakho.
8Angiyikukujezisa ngenxa yemihlatshelo yakho;
iminikelo yakho yokushiswa iphambi kwami njalo.
9Angiyikuthatha nkunzi endlini yakho
nampongo ezibayeni zakho.
10Ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi,
nezinkomo zasezintabeni eziyizinkulungwane.
11Ngiyazazi zonke izinyoni zasezintabeni,
nezilwane zasendle zaziwa yimi.
12 Uma bengilambile,
bengingekutshele wena,
ngokuba ungowami umhlaba wonke nokugcwala kwawo.
13 Ngiyakudla yini inyama yezinkunzi,
ngiphuze igazi lezimpongo, na?
14 Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga,
uzigcwalise izithembiso zakho koPhezukonke;
15 ngibize ngosuku lwenhlupheko;
ngiyakukukhulula,
wena uyakungidumisa.”
16 Kepha komubi uNkulunkulu uthi:
“Yini ukuba ushumayele izimiso zami,
uphathe isivumelwano sami ngomlomo wakho,
17ingani uyazonda ukuqondiswa,
amazwi ami uwalahla emva kwakho, na?
18 Uma ubona isela, uvumelana nalo;
neziphingi uhlanganyela nazo.
19Umlomo wakho uwuyekela ebubini;
ulimi lwakho luqamba inkohliso.
20Uhlala uhleba umfowenu;
unyevuza indodana kanyoko.
21Lokho ukwenzile, ngathula;
ushaye sengathi nginjengawe;
ngizakukulaya, ngikubeke phambi kwamehlo akho.
22“Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu,
funa nginidwengule,
kungabikho osindisayo.
23 Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa;
oqaphela indlela yakhe
ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”

Currently Selected:

AmaHubo 50: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy