YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 101

101
Indlela engenacala yababusi
ElikaDavide. Ihubo.
1Ngizakuhlabelela ngomusa nokwahlulela,
ngikudumise wena Jehova.
2Ngizakuqaphelisisa indlela engenacala.
Uyakuza nini kimi na?
Ngizakuhamba endlini yami ngenhliziyo engenacala.
3Angizukubeka phambi kwamehlo ami into embi;
ukwenza kwabahlubukayo ngiyakuzonda;
akuyikunamathela kimi.
4Inhliziyo ephambeneyo iyakusuka kimi;
omubi angiyikumazi.
5 Omhlebayo umakhelwane wakhe ngasese ngizakumqeda;
onamehlo aqhoshayo nenhliziyo ezidlayo angiyikumvumela.
6 Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlaba
ukuba bahlale nami;
ohamba endleleni engenacala uyakungikhonza.
7Osebenza ukukhohlisa akayikuhlala endlini yami;
okhuluma amanga akayikuma phambi kwamehlo ami.
8 Ekuseni imihla ngemihla ngiyakubaqeda bonke ababi bomhlaba,
ukuze nginqume emzini kaJehova bonke abenzi bokubi.

Currently Selected:

AmaHubo 101: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy