YouVersion Logo
Search Icon

IzAga 6

6
Izindlela zobuwula
1 Ndodana yami, uma uyisibambiso somakhelwane wakho,
uma uxhawulene nomfokazi,
2ucushiwe ngamazwi omlomo wakho,
ubanjiwe ngamazwi omlomo wakho,
3yenza lokhu phela, ndodana yami,
uzophule,
lokhu ungene esandleni somakhelwane wakho:
khothama phambi kwakhe,
umncengisise.
4 Unganiki amehlo akho ubuthongo,
nezinkophe zakho ukozela.
5Zophule njengensephe kumzingeli
nanjengenyoni esandleni somthiyi wezinyoni.
6 Yana entuthwaneni, vilandini,
ubone izindlela zayo, uhlakaniphe,
7yona ethi ingenamahluleli,
nambonisi, nambusi,
8 ilungisa nokho ehlobo isinkwa sayo,
ibuthe ngesikhathi sokuvuna ukudla kwayo.
9Uyakulala kuze kube nini, vilandini?
Uyakuvuka nini ebuthongweni bakho na?
10 Ubuthongo obuncane,
ukozela okuncane,
ukusonga izandla kancane kuze kulalwe,
11 bese kuthi ubumpofu bakho bufike njengomhambuma,
nokuswela kwakho njengomuntu wesihlangu.
12 Umuntu omubi, umuntu wokona,
nguye ohamba nomlomo ophambeneyo,
13 oqwayiza amehlo,
eshudula ngezinyawo zakhe,
ekhomba ngeminwe.
14Ubuphoxo busenhliziyweni yakhe;
uceba okubi ngesikhathi sonke;
ususa ukuxabana.
15Ngalokho ingozi yakhe iyakufika ngokuzumayo;
ngokuphazima kweso uyakwaphulwa,
kungabikho ukuphiliswa.
16Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova,
yebo, eziyisikhombisa eziyizinengiso emphefumulweni wakhe:
17 amehlo azidlayo, nolimi lwamanga,
nezandla ezichitha igazi elingenacala,
18nenhliziyo eceba imicabango emibi,
nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini,
19nofakazi wamanga ophafuza inkohliso,
obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane.
Izindlela zokuphinga
20 Ndodana yami,
gcina umyalo kayihlo,
ungawushiyi umthetho kanyoko.
21 Yibophe enhliziyweni yakho njalo,
uyithekeleze entanyeni yakho.
22 Mayikuhole ekuhambeni kwakho,
ikulondoloze ekulaleni kwakho,
ikhulume kuwe ekuvukeni kwakho.
23 Ngokuba imiyalo iyisibani,
nomthetho ungukukhanya,
nokusola ngokulaya kuyindlela yokuphila,
24 ukuze ugcinwe kowesifazane omubi,
nasekuthopheni kolimi lowesifazane ondindayo.
25Ungakhanuki ubuhle bakhe enhliziyweni yakho,
angakubambi ngezinkophe zakhe.
26Ngokuba intengo yowesifazane
oyisiphingi iyiqebelengwane
lesinkwa, kepha umfazi
womuntu uzingela umphefumulo onqabileyo.
27Umuntu angaphatha umlilo esifubeni sakhe,
izingubo zakhe zingashi, na?
28Umuntu angahamba phezu
kwamalahle avuthayo,
izinyawo zakhe zingahanguki, na?
29Unjalo yena ongena kumkamakhelwane:
akuyikuthiwa ongenacala noma yimuphi omthintileyo.
30Abamdeleli yini oyisela ukuthi uyeba ukuba azisuthise lapho elambile na?
31 Uma efunyanwa,
uyakubuyisa kasikhombisa,
anikeze yonke impahla yendlu yakhe.
32Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda;
wenza lokho okuchitha umphefumulo wakhe.
33Uyakuthola imivimbo nehlazo,
nenhlamba yakhe ayiyikwesulwa.
34Ngokuba isikhwele sendoda singukufutheka;
ayiyikuyeka ngosuku lokuphindisela.
35Ayiyikunaka neze ihlawulo;
ayaneliswa, noma uphana ngezipho eziningi.

Currently Selected:

IzAga 6: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy