YouVersion Logo
Search Icon

IzAga 25

25
Isigaba sesithathu samazwi ahlakaniphileyo
1 Nalezi ziyizaga zikaSolomoni ezaphindwa ngamadoda kaHezekiya inkosi yakwaJuda.
2 Kuludumo lukaNkulunkulu ukusitha into,
kepha udumo lwamakhosi lungukuphenya indaba.
3Njengezulu ngokuphakama nomhlaba ngokujula,
injalo inhliziyo yomuntu ngokuphenywa.
4Susa amanyela esiliveni,
bese kuthi kuphumele umkhandi isitsha.
5 Susa omubi phambi kwenkosi,
bese kuthi isihlalo sayo sobukhosi siqiniswe ngokulunga.
6Ungaziphakamisi phambi kwenkosi,
ungemi endaweni yabakhulu.
7 Ngokuba kungcono ukuba kuthiwe
kuwe: “Yenyuka lapha,”
kunokuba wehliswe phambi kwesikhulu asesibonile amehlo akho.
8Ungasheshi ukuphuma ukuyophikisana
ukuba ungazi ukuthi uyakwenze njani ekugcineni,
lapho umakhelwane wakho ekuhlazisile.
9 Mela indaba yakho nomakhelwane wakho,
ungambuli imfihlakalo yomunye,
10funa okuzwayo akuhlazise,
nodumo lwakho lungabuyi.
11 Izwi elikhulunywayo ngesikhathi esiyiso
linjengama-apula* asezitsheni zesiliva.
12Njengecici legolide nesivunulo segolide elicwengekileyo,
unjalo umsoli ohlakaniphileyo endlebeni elalelayo.
13 Njengokubanda kweqhwa ngosuku lokuvuna,
sinjalo isithunywa esithembekileyo kosithumileyo,
ngokuba siyahlumelela inkosi yaso.
14 Njengamafu nomoya ngaphandle kwemvula kodwa,
unjalo umuntu ozidumisa ngesipho angasiphiyo.
15 Ngokubekezela kade isikhulu singavunyiswa,
nolimi oluthambileyo luyaphula amathambo.
16 Uma uthole izinyosi,
yidla okwanele wena,
funa udinwe, ubuye uhlanze.
17Unyawo lwakho malungavami endlini yomakhelwane wakho,
funa adinwe nguwe, abuye akuzonde.
18 Umuntu ofakazela amanga ngomakhelwane wakhe
uyisando, nenkemba,
nomcibisholo obukhali.
19 Ukwethemba ombuluzayo ngosuku lokuhlupheka
kunjengezinyo elaphukileyo nonyawo olwenyeleyo.
20 Oyihlabelelela inhliziyo edabukileyo izihlabelelo
unjengokhumula ibhantshi ngosuku lwamakhaza, nanjengoviniga esilondeni.
21 Uma okuzondayo elambile,
mnike ukudla, adle;
uma omile, muphe amanzi, aphuze.
22Ngokuba uyakubuthela amalahle omlilo ekhanda lakhe,
besekuthi uJehova akuvuze.
23Umoya wasenyakatho uyaletha imvula,
nolimi olunyenyayo ubuso obuthukutheleyo.
24 Kungcono ukuhlala egumbini lophahla
kunokuhlala nowesifazane oxabanayo endlini ehlanganyelweyo.
25Njengamanzi aqandayo emphefumulweni owomileyo,
unjalo umbiko omuhle ovela ezweni elikude.
26Njengomthombo odungekileyo nesiphethu esonakaleyo,
unjalo olungileyo ozanyazanyiswa phambi komubi.
27Ukudla izinyosi eziningi akukuhle,
nokuzifunela udumo kakusilo udumo.
28Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange,
unjalo umuntu omoya wakhe ungenakubanjwa.

Currently Selected:

IzAga 25: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy