YouVersion Logo
Search Icon

IzAga 24

24
1 Ungabi namhawu ngabantu ababi,
ungafisi ukuba nabo.
2Ngokuba izinhliziyo zabo ziceba ukuchitha,
nezindebe zabo zikhuluma ngengozi.
3Indlu iyakhiwa ngokuhlakanipha,
iqiniswe ngokuqonda.
4Amakamelo agcwaliswa ngokwazi,
ngayo yonke ingcebo enqabileyo nemnandi.
5 Umuntu ohlakaniphileyo udlula onamandla,
nomuntu onokwazi onezikhwepha.
6 Ngokuba ngokucabanga ungaphaka impi yakho,
nokusinda kumi ngobuningi babeluleki.
7Ukuhlakanipha kuphakeme kunesiwula;
esangweni asivuli umlomo waso.
8Ocabanga ukwenza okubi
uyakubizwa ngokuthi owenza amacebo.
9Ukuceba ubuwula kuyisono,
nesideleli siyisinengiso kubantu.
10Uma udangala ngosuku lokuhlupheka,
amandla akho mancane.
11 Bophule abayiswa ekufeni;
abakhubekiselwa ekubulaweni ubagodle.
12 Uma uthi: “Bheka, besingakwazi,”
akakuqondi yini olinganisa izinhliziyo,
nolonda umphefumulo wakho akakwazi, na?
Futhi akayikuphindisela bonke abantu ngokwemisebenzi yabo na?
13 Ndodana yami, yidla izinyosi,
ngokuba zimnandi,
noju oluhle emlonyeni wakho.
14 Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho;
uma ukutholile, kuyakuba khona isikhathi esizayo,
nethemba lakho aliyikunqunywa.
15Wena omubi ungaqamekeli indlu yolungileyo,
ungachithi indawo yakhe yokuphumula.
16 Ngokuba olungileyo angawa kasikhombisa,
abesebuye avuke,
kepha ababi bayakukhubeka ngobubi.
17 Ungathokozi ngokuwa kwesitha sakho,
nenhliziyo yakho mayingajabuli ngokukhubeka kwaso,
18funa uJehova akubone,
kube kubi emehlweni akhe,
asuse intukuthelo yakhe kuso.
19 Ungazikhathazi ngabenza okubi,
ungabi namhawu ngamashinga.
20 Ngokuba omubi akayikuba namvuzo,
nesibani samashinga siyakucima.
21 Ndodana yami, yesaba uJehova nenkosi,
ungahlangani nabahlubukayo.
22Ngokuba ingozi yabo iyakuvuka masinyane;
ngubani owazi ukuchithwa kweminyaka yabo na?
Amazwi ezihlakaniphi: isigaba sesibili
23 Nalawa angamazwi ahlakaniphileyo:
Ukukhetha ubuso ekwahluleleni akukuhle.
24Oshoyo komubi ukuthi: “Ulungile,”
lowo abantu bayakumqalekisa,
nezizwe ziyakumthukuthelela.
25Kwabamthethisayo kuyakuba mnandi,
kufike phezu kwabo isibusiso esihle.
26Njengokwanga kwezindebe,
injalo impendulo eqinisileyo.
27 Qeda umsebenzi wakho ngaphandle,
uzilungiselele wona ensimini,
wakhe ngasemuva indlu yakho.
28 Ungabi ngufakazi ngomakhelwane wakho kungekho sizathu;
wothi ukhohlise ngezindebe zakho na?
29 Ungasho ukuthi: “Njengalokho ekwenzile kimi,
kanjalo ngiyakwenza kuye,
ngimphindisele umuntu njengesenzo sakhe.”
30Ngadlula ensimini yomuntu oyivila,
nasesivinini somuntu ongenangqondo;
31bheka, kuso sonke kwakukhona izimbathi,
sisibekelwe phezulu ngezimbabazane,
nogange lwaso lwamatshe lwaludilizelwe phansi.
32Ngabuka-ke mina, ngacabanga;
ngabona, ngathola ukulaywa:
33 ubuthongo obuncane, ukozela okuncane,
ukusonga izandla kancane kuze kulalwe,
34bese kuthi ubumpofu bakho bufike njengomhambuma,
nokuswela kwakho njengomuntu wesihlangu.

Currently Selected:

IzAga 24: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy