YouVersion Logo
Search Icon

IzAga 2

2
Isibusiso sokuhlakanipha
1Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami,
uzibekelele imiyalo yami,
2ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni,
uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho,
3 yebo, uma ukhala ngengqondo,
uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda,
4uma ukufuna njengesiliva,
ukuphenya njengamagugu afihliweyo,
5khona uyakuqonda ukumesaba uJehova,
ufumane ukumazi uNkulunkulu.
6 Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha;
emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.
7Uyabekela abaqotho isibusiso,
uyihawu kwabahamba bengenacala,
8 egcina izindlela zokulunga,
elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe.
9Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela,
neqiniso,
yebo, nezindlela zonke ezinhle.
10Ngokuba ukuhlakanipha
kuyakungena enhliziyweni yakho,
ukwazi kube mnandi emphefumulweni wakho.
11Amasu ayakukulinda,
ukuqonda kukugcine,
12ukuze wophulwe endleleni yobubi
nakubantu abakhuluma okuphambeneyo,
13abashiya imikhondo yobuqotho,
ukuze bahambe ngezindlela zobumnyama;
14abathokoza ngokwenza okubi,
bajabulele ukuphambana kobubi;
15abazindlela zabo ziyisigwegwe,
nemikhondo yabo iphambene,
16 ukuba wophulwe kowesifazane ondindayo
nakuye owezizwe onamazwi athophayo,
17oshiya umngane wobusha bakhe,
akhohlwe isivumelwano sikaNkulunkulu wakhe,
18 ngokuba indlu yakhe ishonela ekufeni,
nasezithunzini izindlela zakhe.
19Bonke abangena kuye ababuyi,
bangafinyeleli ezindleleni zokuphila.
20Kanjalo uyakuhamba ezindleleni zabahle,
ugcine imikhondo yabalungileyo.
21 Ngokuba abaqotho bayakuhlala ezweni,
abapheleleyo basale kulo.
22 Kepha ababi bayakunqunywa ezweni,
nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.

Currently Selected:

IzAga 2: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy