YouVersion Logo
Search Icon

UNumeri 4

4
Umsebenzi wamaLevi
1UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: 2“Bala umumo wamadodana kaKohati phakathi kwamadodana kaLevi ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise, 3 kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kufike kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.
4 “Nanku umsebenzi wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana: izinto ezingcwelengcwele. 5Nxa ikamu* lisuka, u-Aroni uyakungena kanye namadodana akhe, behlise iveli lesihenqo, basibekele umphongolo wobufakazi ngalo, 6bawembese isikhumba samatahasi,* bendlale phezu kwawo indwangu eluhlaza yonke, bafake izinti zawo.
7 “Etafuleni lezinkwa zokubukwa bayakwendlala indwangu eluhlaza, babeke kuyo izingqwembe, nezinkezo, nezinkamba, nezindebe zokuthela; nesinkwa esinganqamukiyo siyakuba phezu kwalo. 8Bayakwendlala phezu kwazo indwangu ebomvu, bayisibekele ngesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo.
9“Bayakuthabatha indwangu eluhlaza, balusibekele uthi lwezibani, nezibani zalo, nezizenze zalo, nezitsha zalo zomlotha, nezitsha zonke zalo zamafutha abakhonza ngazo kulo; 10bayakulufaka kanye nezinto zalo zonke esikhumbeni samatahasi,* babeke konke ohlakeni.
11“E-altare legolide bayakwendlala indwangu eluhlaza, bayisibekele ngesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo.
12“Bayakuthabatha zonke izitsha zokukhonza abakhonza ngazo endlini engcwele, bazifake endwangwini eluhlaza, bazisibekele ngesikhumba samatahasi,* bazibeke ohlakeni.
13“Bayakususa umlotha e-altare, bendlale kulo indwangu ebubende, 14babeke kuyo zonke izinto zalo abakhonza ngazo kulo, imicengezi yempepho, nezimfoloko, namafosholo, nezitsha, nezinto zonke ze-altare, bendlale phezu kwazo isimbozo sesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo.
15“Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukusibekela indlu engcwele nempahla yonke yendlu engcwele, lapho ikamu* liyakusuka, emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukukuthwala, kepha awayikuthinta okungcwele, funa afe. Lezo zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.
16“Imfanelo ka-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi iyakuba ngamafutha okukhanyisa nempepho ethaphukayo, nomnikelo wempuphu wemihla yonke, namafutha okugcoba; imfanelo yakhe iyitabernakele* lonke nakho konke okukulo, indlu engcwele nezinto zayo.”
17UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: 18“Ninganqumi isizwe semindeni yamaKohati kumaLevi, 19kepha ukuba baphile, bangafi, lapho besondela ezintweni ezingcwelengcwele, nenze kanje kubo: u-Aroni namadodana akhe bayakungena, babamise, kube yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe; 20 kepha abayikungena ukubona okungcwele nangesikhashana nje, funa bafe.”
21UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 22“Bala umumo wamadodana kaGereshoni nawo ngezindlu zawoyise nangemindeni yawo 23kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.
24 “Nanku umsebenzi wemindeni yamaGereshoni ngokukhonza nangokuthwala: 25bayakuthwala izilenge zetabernakele,* netende lokuhlangana, nesimbozo salo, nesimbozo sesikhumba samatahasi* esiphezu kwalo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana, 26nezilenge zegceke, neveli lomnyango wesango legceke elingasetabernakele* nangase-altare nxazonke, nezintambo zakho, nezinto zonke zokukhonza kwabo; nakho konke okwenzelwa zona bayakukwenza. 27Ngesiyalezo sika-Aroni nangesamadodana akhe uyakwenziwa wonke umsebenzi wamadodana amaGereshoni emithwalweni yawo yonke nasemisebenzini yawo yonke; niwamisele yonke imithwalo yawo ezakugcinwa yiwo. 28Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana amaGereshoni etendeni lokuhlangana; okugcinwa yiwo kube phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.
29“Amadodana kaMerari uwabale ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise; 30kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu wobabala bonke abangena emsebenzini ukwenza umsebenzi wetende lokuhlangana. 31 Nakhu okuzakugcinwa yibo ukuba bakuthwale ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana: amapulangwe etabernakele,* nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo, 32nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo, nempahla yonke yazo, nenkonzo yonke yazo, nibamisele ngamagama impahla abafanele ukuyithwala. 33Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana kaMerari ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.”
34OMose no-Aroni nezikhulu zenhlangano babala amadodana amaKohati ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise, 35kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabeneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana; 36labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisihlanu. 37Yilabo ababalwayo bemindeni yamaKohati, bonke abakhonza etendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.
38Labo ababalwayo bamadodana kaGereshoni ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise, 39kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana, 40labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha namashumi amathathu. 41Yilabo ababalwayo bemindeni yamadodana kaGereshoni, bonke abakhonza etendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova.
42Labo ababalwayo bemindeni yamadodana kaMerari ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise, 43kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana, 44labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo babe yizinkulungwane ezintathu namakhulu amabili. 45Yilabo ababalwayo bemindeni yamadodana kaMerari ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.
46Bonke ababalwayo bamaLevi ababalwa nguMose nangu-Aroni nayizikhulu zakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise, 47kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena ukwenza umsebenzi wenkonzo nomsebenzi wokuthwala etendeni lokuhlangana, 48labo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu ayisihlanu namashumi ayisishiyagalombili. 49Njengesiyalezo sikaJehova babalwa ngesandla sikaMose, yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe nangokomthwalo wakhe.
Base bebalwa-ke, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Currently Selected:

UNumeri 4: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy