YouVersion Logo
Search Icon

UNumeri 3

3
Ukubalwa kwamaLevi nokwamazibulo
1Lezi ziyizizukulwane zika-Aroni nezikaMose ngalolo suku uJehova akhuluma ngalo kuMose entabeni yaseSinayi.
2 Lawa angamagama amadodana ka-Aroni: uNadabi izibulo, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari. 3 Yilawo angamagama amadodana ka-Aroni, abapristi abagcotshiweyo, abahlukaniselwa ukukhonza esikhundleni sobupristi. 4 ONadabi no-Abihu bafa phambi kukaJehova, benikela ngomlilo ongafanele ebusweni bukaJehova ehlane laseSinayi; babengenabantwana. Kwase kukhonza o-Eleyazare no-Itamari esikhundleni sobupristi ebusweni buka-Aroni uyise.
5UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 6“Sondeza isizwe sakwaLevi, usimise phambi kuka-Aroni, umpristi, ukuba simkhonze. 7Bayakugcina izimfanelo zakho nezimfanelo zenhlangano yonke phambi kwetende lokuhlangana ukwenza inkonzo yetabernakele.* 8Bayakugcina yonke impahla yetende lokuhlangana nezimfanelo zabantwana bakwa-Israyeli ukwenza inkonzo yetabernakele.* 9 Uyakunikela amaLevi ku-Aroni nakumadodana akhe; ayanikelwa ngempela kuye, evela kubantwana bakwa-Israyeli. 10 Uyakumisa u-Aroni namadodana akhe, bagcine ubupristi babo; umfokazi osondelayo uyakubulawa.”
11UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 12 “Mina ngikhiphile amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo onke avula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; amaLevi ayakuba ngawami. 13 Ngokuba onke amazibulo angawami; ngalolo suku engabulala ngalo onke amazibulo ezweni laseGibithe ngazingcwelisela amazibulo onke kwa-Israyeli, awabantu nawezilwane; ayakuba ngawami; nginguJehova.”
14UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi, wathi: 15“Bala abantwana bakwaLevi ngezindlu zawoyise nangemindeni yabo; uyakubala bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu.” 16UMose wababala njengezwi likaJehova, njengalokho wayalwa.
17 Lawa angamadodana kaLevi
ngamagama awo: oGereshoni,
noKohati, noMerari.
18Lawa angamagama amadodana
kaGereshoni ngemindeni yawo:
oLibini noShimeyi.
19Namadodana kaKohati ngemindeni
yawo: o-Amramu, noJisihari,
noHebroni, no-Uziyeli.
20Namadodana kaMerari ngemindeni
yawo: oMaheli noMushi. Leyo
iyimindeni yamaLevi ngezindlu
zawoyise.
21KwaGereshoni kwavela umndeni wamaLibini nomndeni wamaShimeyi; yileyo eyimindeni yamaGereshoni. 22Labo ababalwayo kubo njengokomumo wabesilisa bonke kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ababalwayo kubo babe yizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisihlanu. 23Imindeni yamaGereshoni iyakumisa emva kwetabernakele* ngasentshonalanga. 24Isikhulu sendlu kayise wamaGereshoni siyakuba ngu-Eliyasafa indodana kaLayeli. 25Imfanelo yamadodana kaGereshoni etendeni lokuhlangana iyakuba yitabernakele,* netende, nesimbozo salo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana, 26nezilenge zegceke, neveli lomnyango wegceke elingasetabernakele* nangase-altare nxazonke, nezintambo zalo, nayo yonke inkonzo yalokho.
27KwaKohati kwavela umndeni wama-Amramu, nomndeni wamaJisihari, nomndeni wamaHebroni, nomndeni wama-Uziyeli; yileyo eyimindeni yamaKohati. 28Njengokomumo wabo bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu ayisithupha, begcina inkonzo yendlu engcwele. 29Imindeni yamadodana kaKohati iyakumisa eceleni kwetabernakele* ngaseningizimu. 30Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaKohati siyakuba ngu-Elisafani indodana ka-Uziyeli. 31Okugcinwa yibo kuyakuba ngumphongolo, netafula, nothi lwezibani, nama-altare, nezimpahla zendlu engcwele abakhonza ngazo, neveli, nayo yonke inkonzo yalokho. 32U-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi uyakuba yisikhulu sezikhulu zamaLevi, abonise abagcina inkonzo yendlu engcwele.
33KwaMerari kwavela umndeni wamaMaheli nomndeni wamaMushi; yileyo eyimindeni yamaMerari. 34Labo ababalwayo kubo njengokomumo wabesilisa bonke kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisithupha namakhulu amabili. 35Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaMerari sasinguSuriyeli indodana ka-Abihayili; bayakumisa eceleni kwetabernakele* ngasenyakatho. 36Imfanelo emiselwe amadodana kaMerari iyakuba ngamapulangwe etabernakele,* nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo, nezinto zonke zalo, nenkonzo yonke yalokho, 37nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo.
38Labo abamisa phambi kwetabernakele* ngasempumalanga, ngaphambi kwetende lokuhlangana ngasekuphumeni kwelanga, bayakuba ngoMose no-Aroni namadodana akhe, begcina inkonzo yendlu engcwele, begcina imfanelo yabantwana bakwa-Israyeli; umfokazi osondelayo uyakubulawa.
39Bonke ababalwayo bamaLevi ababalwa nguMose nangu-Aroni ngesiyalezo sikaJehova ngemindeni yabo, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.
40UJehova wathi kuMose: “Bala onke amazibulo esilisa abantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ubale umumo wamagama abo. 41Uyakungithabathela amaLevi nginguJehova esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa-Israyeli, nezinkomo zamaLevi esikhundleni samazibulo onke ezinkomo zabantwana bakwa-Israyeli.”
42UMose wabala, njengalokho uJehova emyalile, onke amazibulo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli. 43Onke amazibulo esilisa njengokomumo wamagama kusukela kwabanenyanga kuya phezulu alabo ababalwayo kubo ayeyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nantathu.
44UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 45“Thabatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nezinkomo zamaLevi esikhundleni sezinkomo zabo, amaLevi abe ngawami; nginguJehova. 46 Ukuba kuhlengwe labo abangamakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nantathu bamazibulo abantwana bakwa-Israyeli abadlula amaLevi, 47uyakuthabatha amashekeli* ayisihlanu ngamunye ngenhloko; ngokweshekeli lendlu engcwele uyakuwathabatha ishekeli lingamagera* angamashumi amabili; 48umnike u-Aroni namadodana akhe imali umumo wabo odlulelayo ohlengwa ngayo.”
49UMose wayesethatha imali yokuhlenga kulabo abadlula abahlengiwe ngamaLevi; 50kuwo amazibulo abantwana bakwa-Israyeli wayithatha imali, amashekeli* ayinkulungwane namakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele. 51UMose wamnika u-Aroni namadodana akhe imali yokuhlenga njengezwi likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Currently Selected:

UNumeri 3: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy