YouVersion Logo
Search Icon

UNumeri 30

30
Imithetho yezithembiso
1UMose wayesekhuluma kuzo izinhloko zezizwe zabantwana bakwa-Israyeli, ethi: “Yilokhu uJehova ayale ngakho ukuthi: 2‘Nxa umuntu enza isithembiso kuJehova, noma efunga isifungo ukubopha umphefumulo wakhe ngesibopho esithile, akayikwaphula izwi lakhe; uyakwenza njengakho konke okuphuma emlonyeni wakhe.
3 “ ‘Uma owesifazane enza isithembiso kuJehova, azibophe ngesibopho esithile esendlini kayise, esemusha, 4uyise esizwa isithembiso sakhe nesibopho sakhe abophe ngaso umphefumulo wakhe, engasho lutho kuye, izithembiso zakhe zonke ziyakuma, nazo zonke izibopho abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma; 5kepha uma uyise emalela ngosuku akuzwa ngalo, akuyikuma nesisodwa sezithembiso zakhe nesezibopho zakhe abophe ngazo umphefumulo wakhe; uJehova uyakumthethelela, ngokuba uyise umalele.
6“ ‘Uma engowendoda, izithembiso zakhe zisephezu kwakhe noma okuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe, 7indoda yakhe bese ikuzwa, ingasho lutho kuye ngosuku ekuzwa ngalo, izithembiso zakhe ziyakuma, nezibopho zakhe abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma; 8kepha uma indoda yakhe imalela ngosuku ekuzwa ngalo, iyakwenza ize isithembiso sakhe esiphezu kwakhe nokuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe, uJehova amthethelele.
9“ ‘Kepha isithembiso somfelokazi noma esolahliweyo, konke abophe ngakho umphefumulo wakhe kuyakuma kuye.
10“ ‘Uma enzile isithembiso endlini yendoda yakhe, noma ebophe ngesibopho umphefumulo wakhe ngesifungo, 11indoda yakhe bese ikuzwa, ingasho lutho kuye, ingamalelanga, zonke izithembiso zakhe ziyakuma, nazo zonke izibopho abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma; 12kepha uma indoda yakhe izenza ize ngosuku ezizwa ngalo, konke okuphuma emlonyeni wakhe mayelana nezithembiso zakhe namayelana nesibopho somphefumulo wakhe akuyikuma; indoda yakhe ikwenzile ize; uJehova uyakumthethelela. 13Zonke izithembiso nazo zonke izifungo ezibophayo zokuthobisa umphefumulo, indoda yakhe ingaziqinisa, noma indoda yakhe izenze ize. 14Kepha uma indoda yakhe ithula nokuthula kuye izinsuku ngezinsuku, iyaqinisa zonke izithembiso zakhe nazo zonke izibopho zakhe eziphezu kwakhe; iziqinisile, ngokuba ithulile kuye ngosuku eyazizwa ngalo; 15kepha uma izenza ize lapho isizizwile, iyakuthwala ububi bakhe.’ ”
16Yilezo izimiso uJehova ayala ngazo uMose phakathi kwendoda nomkayo, naphakathi kukayise nendodakazi yakhe isentsha endlini kayise.

Currently Selected:

UNumeri 30: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy