YouVersion Logo
Search Icon

UNumeri 24

24
UBileyamu uyaphinda ukubusisa u-Israyeli; ubuyela ekhaya
1 UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u-Israyeli, akayanga njengakuqala ukulindela imilingo, kepha wabhekisa ubuso bakhe ngasehlane. 2UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona u-Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe.
3Wayesethatha isisho sakhe, wathi:
“UBileyamu indodana kaBeyori uthi,
umuntu omehlo akhe avuliwe uthi,
4ozwileyo amazwi kaNkulunkulu,
obonile umbono kaSomandla uthi,
ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe:
5“Mahle kangaka amatende akho,
Jakobe,
namatabernakele* akho, Israyeli.
6Elulekile njengezigodi,
njengamasimu ngasemfuleni,
njengemihlaba ayitshalile uJehova,
njengemisedari* ngaseceleni kwamanzi.
7 Amanzi ayakugobhoza,
aphume ezimbizeni zakhe,
imbewu yakhe ibe semanzini amaningi,
inkosi yakhe ibe nkulu kuno-Agagi,
umbuso wakhe uphakame.
8 “UNkulunkulu wamkhipha eGibithe;
unjengezimpondo zenyathi kubo;
uyakuqeda izizwe, izitha zakhe,
aphule amathambo azo,
azigwaze ngemicibisholo yakhe.
9Wabuthalala,
walala phansi njengengonyama,
nanjengengonyamakazi,
ngubani oyakumvusa na?
“Mababusiswe bonke abakubusisayo,
baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.”
10Ulaka lukaBalaki lwamvuthela uBileyamu, washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu: “Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami; bheka, ubabusisile nokubabusisa kathathu. 11Ngalokho baleka uye endaweni yakho; bengithi ngiyakukunika udumo olukhulu; kepha bheka, uJehova ugodlile udumo kuwe.”
12UBileyamu wathi kuBalaki: “Angikhulumanga yini kuzo izithunywa zakho owazithuma kimi ukuthi: 13 ‘Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova ngenhliziyo yami ukwenza okuhle noma okubi; akukhulumayo uJehova lokhu ngiyakukukhuluma,’ na? 14Bheka manje, ngibuyela kubantu bakithi; woza ngikumemezelele ukuthi laba bantu bayakwenzani kubantu bakini ngezinsuku ezizayo.”
15Wayesethatha isisho sakhe, wathi:
“UBileyamu indodana kaBeyori uthi,
umuntu oso lakhe livuliwe uthi,
16ozwileyo amazwi kaNkulunkulu,
owazi ukwazi koPhezukonke,
obonile umbono kaSomandla,
ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe, uthi:
17 “Ngiyambona, kepha kungemanje;
ngiyambheka, kodwa kungeseduze;
kuyakuvela inkanyezi kuJakobe,
nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli,
ishaye uMowabi emaceleni,
ichithe onke amadodana kaSeti.
18 U-Edomi uyakuba yifa;
uSeyiri uyakuba yifa naye,
owayengowezitha zakhe,
u-Israyeli esenza okubuqhawe.
19Uyakuvela kuJakobe,
achithe insali emzini.”
20 Wayesembuka u-Amaleki, wathatha isisho sakhe, wathi:
“U-Amaleki wayengesokuqala sezizwe,
kepha ukugcina kwakhe kungukubhubha.”
21Wayesewabuka amaKheni, wathatha isisho sakhe, wathi:
“Inamandla indawo yakho yokuhlala;
isidleke sakho simisiwe edwaleni.
22Nokho uKayini uyakuchithwa
uze uthunjwe ngu-Ashuri.”
23Wathatha isisho sakhe, wathi:
“Maye, ngubani oyakuphila,
lapho uNkulunkulu ekwenza lokhu, na?
24Imikhumbi iyakuvela ogwini lwaseKitimi,
imhluphe u-Ashuri,
imhluphe u-Ebere,
naye aye ekubhujisweni.”
25UBileyamu wayesesuka, wahamba, wabuyela endaweni yakhe; uBalaki wahamba ngeyakhe indlela.

Currently Selected:

UNumeri 24: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy