YouVersion Logo
Search Icon

UNumeri 21

21
Ukunqotshwa kwenkosi yase-Aradi
1 UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owayakhe eningizimu, wezwa ukuthi u-Israyeli uyeza ngendlela yase-Atarimi; walwa no-Israyeli, wathumba abanye kubo. 2U-Israyeli wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma unikela nokunikela laba bantu esandleni sami, ngiyakuchitha impela imizi yabo.” 3UJehova walilalela izwi lika-Israyeli, wanikela amaKhanani; bawaqothula kanye nemizi yawo; igama laleyo ndawo lathiwa iHorma.*
Inyoka yethusi
4Basuka entabeni yaseHori ngendlela yoLwandle Olubomvu ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yaphela amandla ngenxa yendlela. 5Abantu bakhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba sifele ehlane na? Ngokuba akukho sinkwa, akukho manzi; umphefumulo wethu uyanengwa yilesi sinkwa esilulana.”
6 UJehova wathuma izinyoka ezinesihlungu phakathi kwabantu, zabaluma abantu; abantu abaningi bakwa-Israyeli bafa. 7Abantu bafika kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngoJehova nangawe; khuleka kuJehova ukuba asuse izinyoka kithi.” UMose wabakhulekela abantu.
8UJehova wathi kuMose: “Zenzele inyoka enesihlungu, uyibeke ensikeni; kuyakuthi yilowo nalowo olunywayo, lapho eyibheka, uyakusinda.” 9 UMose wenza inyoka yethusi, wayibeka ensikeni; kwathi lapho inyoka imlumile umuntu, uma ebeyibheka inyoka yethusi, wasinda.
10Abantwana bakwa-Israyeli bahamba, bamisa e-Oboti. 11Basuka e-Oboti, bamisa e-Iye Abarimi ehlane elingaphandle kwelakwaMowabi ngasempumalanga. 12Basuka lapho, bamisa esiGodini saseZeredi. 13 Basuka lapho, bamisa ngaphesheya kwe-Arinoni elisehlane, elivela emkhawulweni wama-Amori, ngokuba i-Arinoni lingumkhawulo welakwaMowabi, phakathi kwelakwaMowabi nama-Amori. 14Ngalokho kuthiwa eNcwadini yeziMpi zikaJehova:
“IVahebi laseSufa,
nezigodi zase-Arinoni,
15nomthambeka wezigodi
othambeka ngasezweni le-Ari,
oncike emkhawulweni wakwaMowabi.”
16Basuka lapho, baya eBeri; lokhu kungumthombo asho ngawo uJehova kuMose, wathi: “Butha abantu, ngibaphe amanzi.”
17U-Israyeli wayesehlabelela lesi sihlabelelo sokuthi:
“Mpompoza, mthombo,
nihlabelele kuwo,
18umthombo ezawumba izikhulu,
abawugubha abakhulu babantu
ngentonga yobukhosi nangezindondolo zabo.”
Basuka ehlane, baya eMathana. 19Basuka eMathana, baya eNahaliyeli; basuka eNahaliyeli, baya eBamoti; 20basuka eBamoti, baya esigodini esisezweni lakwaMowabi nasesiqongweni sasePisiga, elibheke ngenzansi ngasehlane.
Ukunqotshwa kukaSihoni no-Ogi
21 U-Israyeli wathuma izithunywa kuSihoni inkosi yama-Amori, wathi:
22“Ake sidabule izwe lakho; asiyikuchezukela emasimini noma ezivinini, singaphuzi amanzi emithombo; siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi, size sidlule umkhawulo wakho.”
23USihoni wayengamvumeli u-Israyeli ukudabula izwe lakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, waphuma eyomhlasela u-Israyeli ehlane, wafika eJahasi, walwa no-Israyeli. 24 U-Israyeli wamnqoba ngosiko lwenkemba, wadla izwe lakhe, kusukela e-Arinoni kuze kufike eJaboki nakubo abantwana bakwa-Amoni, ngokuba umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni wawunamandla. 25U-Israyeli wathatha yonke le mizi; u-Israyeli wahlala emizini yonke yama-Amori eHeshiboni nasemizini yonke yalo. 26Ngokuba iHeshiboni lalingumuzi kaSihoni inkosi yama-Amori owayelwile nenkosi endala yakwaMowabi, wathatha lonke izwe lakhe esandleni sakhe kwaze kwafika e-Arinoni.
27Ngalokho abakhulu ngezaga basho bathi:
“Wozani eHeshiboni; makwakhiwe,
umuzi kaSihoni umiswe;
28 ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni;
ilangabi livelile emzini kaSihoni;
liqedile i-Ari lakwaMowabi nabakhe emadulini ase-Arinoni.
29Maye kuwena Mowabi!
Niphelile, nina bantu bakaKemoshi;
unikele amadodana akhe abe ngababaleki,
namadodakazi akhe athunjwe kuSihoni inkosi yama-Amori.
30“Sibacibishele;
iHeshiboni liphelile kuze kube seDiboni;
sichithile kuze kube seNofa elingaseMedeba.”
31Kanjalo u-Israyeli wahlala ezweni lama-Amori.
32UMose wathuma ukuhlola iJazeri, bathatha imizi yalo, baxosha ama-Amori ayelapho. 33 Baphenduka, bakhuphuka ngendlela yaseBashani; u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma, wabasukela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuyokulwa ngase-Edireyi.
34UJehova wathi kuMose: “Ningamesabi, ngokuba ngimnikele esandleni sakho kanye nabantu bakhe bonke nezwe lakhe; uyakwenza kuye njengalokho wenza kuSihoni inkosi yama-Amori owahlala eHeshiboni.”
35Base bemnqoba-ke, namadodana akhe, nabo bonke abantu bakhe, waze wangasalelwa muntu; badla izwe lakubo.

Currently Selected:

UNumeri 21: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy